Bayozihlubula ngokuphelele ngenxa yakho, babhince indwangu yesaka, bakukhalele ngomunyu wenhliziyo nangokukhala okumunyu.
IsAmbulo 18:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abathengisi balezo zinto abacetshiswa ngalo bayakuma kude ngokwesaba ukuhlushwa kwalo, bekhala belila; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abathengisi balezo zinto abacetshisiwe yilo bayakumela kude ngokwesaba ukuhlupheka kwalo, bekhala belila, IsiZulu 2020 Abahwebi balezi zinto, abaceba ngokuhwebelana nalo, bayakumela kude ngenxa yokwesaba ukuhlupheka kwalo, bekhala, belila, Baasraak Zulu New Testament Bible Abathengisi balezo zinto abacetshiswa ngalo bayakuma kude ngokwesaba ukuhlushwa kwalo, bekhala belila; |
Bayozihlubula ngokuphelele ngenxa yakho, babhince indwangu yesaka, bakukhalele ngomunyu wenhliziyo nangokukhala okumunyu.
ezibanikazi bazo abazibulalayo, bazenze zingenacala; nabathengisa ngazo bathi: “Makabongwe uJehova! ngoba ngicebile, abelusi bazo kabanamusa kuzo.
Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi yindlu yokukhuleka yezizwe zonke’? kepha nina niyenze umhume wabaphangi.
Abaphathi bakhe sebebonile ukuthi ithemba lenzuzo yabo seliphelile, babamba oPawulu noSila, babadonsela esigcawini kubaphathi;
Ukuthengiswa kwegolide, nesiliva, namatshe anenani, namaparele, nelineni elicolekileyo, nokububende, nosilika, nokubomvu, nazo zonke izigodo zakho, nezitsha zonke zophondo lwendlovu, nezitsha zonke zokhuni oluyigugu; neyethusi, nensimbi, netshe letsheba;
nesinamoni, nempepho, namafutha okugcoba, nenhlaka, newayini, namafutha, nempuphu ecolekileyo, nokolweni, nezinkomo, nezimvu, namahhashi, nezinqola, nezinceku, nemiphefumulo yabantu.
Nezithelo umphefumulo wakho ozifisayo zimukile kuwe, nakho konke okumnandi nokubukekayo kumuka kuwe, awusayikuzithola nhlobo.
Base bethela uthuli emakhanda abo, bamemeza bekhala, belila, bethi: “Maye, maye, muzi omkhulu, lapho kwacetshiswa khona bonke ababenemikhumbi olwandle ngenxa yokubiza kwawo okuhle! ngoba ngehora elilodwa selichithekile.
Ngokuba izizwe zonke ziphuzile ewayinini lolaka lobufebe balo, namakhosi omhlaba afeba nalo, nabathengisi bomhlaba banothile ngokuchichima kwezibiliboco zalo.