Makube kude nawe ukwenza kanjalo, ukubulala olungileyo kanye nomubi, nokuba olungileyo abe njengomubi, okude nawe; umahluleli womhlaba wonke akayikwenza ubulungisa na?
IsAmbulo 16:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngase ngizwa ingelosi yamanzi ithi: “Ulungile, Nkosi, okhona nowayekhona nosekhona, ngokuba wahlulele kanje. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngezwa ingelosi yamanzi ithi: “Ulungile wena okhona nowawukhona, oNgcwele, ngokuba wakunquma lokho, IsiZulu 2020 Ngezwa ingelosi yamanzi, ithi: “Ulungile Wena okhona nowawukhona, oNgcwele, ngokuba nguwe owakunquma lokho, Baasraak Zulu New Testament Bible Ngase ngizwa ingelosi yamanzi ithi: “Ulungile, Nkosi, okhona nowayekhona nosekhona, ngokuba wahlulele kanje. |
Makube kude nawe ukwenza kanjalo, ukubulala olungileyo kanye nomubi, nokuba olungileyo abe njengomubi, okude nawe; umahluleli womhlaba wonke akayikwenza ubulungisa na?
Kungakho uJehova wabuqaphela ububi wabesehlisela phezu kwethu, ngoba uJehova uNkulunkulu wethu ulungile emisebenzini yakhe yonke ayenzayo, ngoba asililalelanga izwi lakhe.
Baba olungileyo, izwe alikwazanga, kepha mina ngikwazile, nalaba bazi ukuthi wena ungithumile.
Kepha ngobulukhuni bakho nenhliziyo engaphendukiyo uzibekelela ulaka ngosuku lolaka nolokwambulwa kokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu;
Kepha uma ukungalungi kwethu kubonakalisa ukulunga kukaNkulunkulu, siyakuthini na? UNkulunkulu ungalungile yini ophindiselayo? (Ngikhuluma njengendoda.)
UJohane kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuye okhona nowayekhona nozayo; nakuMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi;
Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho, isho iNkosi, ekhona, neyayikhona, nezayo, uMninimandla onke.
besithi: Siyakubonga, Nkosi Nkulunkulu Somandla, okhona, owayekhona, lozayo; ngoba uzithathele amandla akho amakhulu, wabusa.
Eyesithathu yathululela isitsha sayo emifuleni nasemithonjeni yamanzi; zaba ligazi.
Ngezwa elinye livela e-altare lithi: “Yebo, Nkosi Nkulunkulu Somandla, ziyiqiniso futhi zilungile izahlulelo zakho.
Ngokuba ziqinisile, zilungile izahlulelo zakhe, ngokuba usahlulele isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, waliphindisela igazi lezinceku zakhe esandleni saso.
Nezidalwa ezine, yileso naleso kuzo, zinamaphiko ayisithupha nxazonke; zazigcwele amehlo ngaphakathi, futhi aziphumuli imini nobusuku, zithi: Ingcwele, ingcwele, ingcwele, iNkosi uNkulunkulu uMninimandla onke, owayekhona, nokhona, nozayo.
Base bememeza ngezwi elikhulu, bathi: “Koze kube nini, Nkosi, ongcwele noqinisileyo, ungahluleli uphindisele igazi lethu kwabakhileyo emhlabeni na?