Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 19:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngokuba ziqinisile, zilungile izahlulelo zakhe, ngokuba usahlulele isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, waliphindisela igazi lezinceku zakhe esandleni saso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 ngokuba ziqinisile, zilungile izahlulelo zakhe; ngokuba isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindisele igazi lezinceku zakhe esandleni saso.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 ngokuba ziqotho, futhi zilungile izehlulelo zakhe, ngokuba usehlulele isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindiselele igazi lezinceku zakhe esandleni saso.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Ngokuba ziqinisile, zilungile izahlulelo zakhe, ngokuba usahlulele isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, waliphindisela igazi lezinceku zakhe esandleni saso.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 19:2
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kumelwe ubulale indlu yenkosi yakho u-Ahabi, ukuze ngiphindisele igazi lezinceku zami, abaprofethi, negazi lazo zonke izinceku zikaJehova esandleni sika-Izebeli.


Ukumesaba uJehova kuhlanzekile, kumi phakade; izahlulelo zikaJehova ziqinisile futhi zilungile.


Jehova, unguNkulunkulu wami; Ngifuna ukukuphakamisa, ngidumise iGama laKho; ngoba wenze izimangaliso; icebo lakho lasendulo lithembekile leqiniso.


Kodwa ukwahlulela kuyakuhlala, futhi bayosusa ukubusa kwayo, ukuze bayichithe futhi bayibhubhise kuze kube sekupheleni.


Impindiselo nokuphindisela kungokwami; unyawo lwabo luyokhubeka ngesikhathi esifanele, ngoba usuku lwenhlekelele yabo luseduze, futhi izinto ezibehlelayo ziyashesha.


Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe ziwukulunga; uNkulunkulu weqiniso ongenabubi, ulungile, ulungile yena.


Jabulani, O zizwe, kanye nabantu bakhe, ngokuba uyophindisela igazi lezinceku zakhe futhi aphindisele kwabamelene naye futhi abe nesihe ezweni lakhe nakubantu bakhe.


Bahlabelela ingoma kaMose inceku kaNkulunkulu, nengoma yeWundlu, bethi: Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Mninimandla onke; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, Nkosi yabangcwele.


Thokoza ngawo wena zulu, nani baphostoli abangcwele, nani baprofethi; ngoba uNkulunkulu ukuphindisele kulo.


Ngokuba izizwe zonke ziphuzile ewayinini lolaka lobufebe balo, namakhosi omhlaba afeba nalo, nabathengisi bomhlaba banothile ngokuchichima kwezibiliboco zalo.


Base bememeza ngezwi elikhulu, bathi: “Koze kube nini, Nkosi, ongcwele noqinisileyo, ungahluleli uphindisele igazi lethu kwabakhileyo emhlabeni na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka