IsAmbulo 16:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngabona kuphuma emlonyeni kadrako, nasemlonyeni wesilo, nasemlonyeni womprofethi wamanga omoya abathathu abangcolileyo, befana namasele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngabona kuphuma emlonyeni kadrako*, nasemlonyeni wesilo, nasemlonyeni womprofethi wamanga omoya abathathu abangcolileyo, befana nezingxangxa; IsiZulu 2020 Ngabona kuphuma emlonyeni kadrago nasemlonyeni wesilo nasemlonyeni womphrofethi wamanga, omoya abathathu abangcolileyo abafana nezingxangxa; Baasraak Zulu New Testament Bible Ngabona kuphuma emlonyeni kadrako, nasemlonyeni wesilo, nasemlonyeni womprofethi wamanga omoya abathathu abangcolileyo, befana namasele. |
Xwayani abaprofethi bamanga abeza kini bembathise okwezimvu, kepha ngaphakathi beyizimpisi eziphangayo.
Ngokuba bayimimoya yamademoni, eyenza izibonakaliso, ephumela emakhosini omhlaba wonke ukubabuthela ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.
Sasesimemeza ngelizwi elilamandla, sisithi: Liwile, iBhabhiloni elikhulu, njalo selibe yindawo yokuhlala amadimoni, lenqaba yabo bonke omoya abangcolileyo, lesibaya senyoni zonke ezingcolileyo lezizondekayo.
Sabanjwa isilo, kanye naso nomprofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso, adukisa ngazo labo abamukela uphawu lwesilo, nabakhuleka emfanekisweni waso. Laba bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.
USathane owabadukisayo waphonswa echibini lomlilo nesibabule, lapho kukhona isilo nomprofethi wamanga, futhi bayohlushwa imini nobusuku kuze kube phakade naphakade.