Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




IsAmbulo 16:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngokuba bayimimoya yamademoni, eyenza izibonakaliso, ephumela emakhosini omhlaba wonke ukubabuthela ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 ngokuba bangomoya bamademoni, benza izibonakaliso, abaphuma beya emakhosini ezwe lonke ukubahlanganisela ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

14 babeyimimoya yamadimoni, benza izibonakaliso, baphuma baya emakhosini omhlaba wonke ukuze bawahlanganisele ukulwa ngosuku olukhulu lukaNkulunkulu uSomandla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

14 Ngokuba bayimimoya yamademoni, eyenza izibonakaliso, ephumela emakhosini omhlaba wonke ukubabuthela ekulweni kosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




IsAmbulo 16:14
33 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Inkosi yakoIsrayeli yasibiza abaprofethi kungathi abantu abangamakhulu amane, yathi kubo: Ngiye yini eRamothi kwaGileyadi ngilwe, kumbe ngiyeke? Bathi: Yenyukani; ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.


Futhi uma umprofethi emkhohlisa lapho ekhuluma okuthile, mina Jehova ngimkhohlisile lowo mprofethi, futhi ngizokwelulela isandla sami kuye ngimqede phakathi kwabantu bami u-Israyeli.


Lelivangeli lombuso liyakutshunyayelwa emhlabeni wonke kube ngubufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.


Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga, nabaprofethi bamanga, baveze izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso; ukuze, uma kungenzeka, badukise nabakhethiweyo.


Ngokuba kuyakuvela oKristu bamanga nabaprofethi bamanga, benze izibonakaliso nezimangaliso, ukuze badukise, uma kungenzeka, nabakhethiweyo.


Kwathi ngalezo zinsuku kwaphuma isimemezelo kuKesari Awugustu sokuba kubalwe izwe lonke.


Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wawo.


Kuqala, ngibonga uNkulunkulu wami ngoJesu Kristu ngani nonke, ngokuba ukukholwa kwenu kukhulunywa ngakho emhlabeni wonke.


Yena lowo ukufika kwakhe kungokokusebenza kukaSathane ngawo wonke amandla, nezibonakaliso, nezimangaliso zamanga;


Kepha uMoya usho ngokucacile ukuthi ngezikhathi zokugcina abanye bayakuhlubuka ekukholweni, benaka omoya abadukisayo nezifundiso zamademoni;


Lokhu kuhlakanipha kakuveli phezulu, kodwa kungokomhlaba, kwemvelo, kobudeveli.


Esebuthene onke lawo makhosi, eza amisa ngasemanzini aseMeromu ukuba alwe no-Israyeli.


Siyazi ukuthi singabakaNkulunkulu nokuthi umhlaba wonke ulele ebubini.


Waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uDeveli noSathane, odukisa izwe lonke; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.


Ngase ngibona elinye lamakhanda aso kungathi lilimele lokufa; nenxeba laso elibulalayo lelashwa; umhlaba wonke wamangala ulandela isilo.


Wabahlanganisela endaweni ethiwa ngesiHeberu iArmagedoni.


Ngezwa elinye livela e-altare lithi: “Yebo, Nkosi Nkulunkulu Somandla, ziyiqiniso futhi zilungile izahlulelo zakho.


Laba bayakulwa neWundlu, kepha iWundlu liyakubanqoba, ngokuba liyiNkosi yamakhosi, neNkosi yamakhosi;


Uyakuphuma ukudukisa izizwe ezisemagumbini omane omhlaba, uGogi noMagogi, zibaqoqele ukulwa, isibalo sabo singangesihlabathi solwandle.


Ngokuba uligcinile izwi lokubekezela kwami, nami ngiyakukulondoloza ehoreni lokulingwa eliyakufika phezu komhlaba wonke ukulinga abakhileyo emhlabeni.


Ngokuba usuku olukhulu lolaka lwayo selufikile; ngubani ongema na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka