Ubusisiwe umuntu ongilalelayo, olinda emasangweni ami imihla yonke, alinde ezinsikeni zeminyango yami.
IsAmbulo 1:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ubusisiwe ofundayo, nabawezwayo amazwi alesi siprofetho, bagcine okulotshiweyo kuso, ngokuba isikhathi siseduze. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ubusisiwe ofundayo nabo abawezwayo amazwi alesi siprofetho, bagcine okulotshiweyo kuso, ngokuba isikhathi siseduze. IsiZulu 2020 Ubusisiwe lowo ofundayo nalabo abezwa amazwi alesi siphrofetho, bese bekugcina okulotshwe kuso, ngokuba isikhathi sesiseduze. Baasraak Zulu New Testament Bible Ubusisiwe ofundayo, nabawezwayo amazwi alesi siprofetho, bagcine okulotshiweyo kuso, ngokuba isikhathi siseduze. |
Ubusisiwe umuntu ongilalelayo, olinda emasangweni ami imihla yonke, alinde ezinsikeni zeminyango yami.
Ngakho nxa libona amanyala encithakalo, akhulunywa nguDaniyeli umprofethi, emi endaweni engcwele, (ofundayo kaqedisise;)
Kodwa yena wathi: Yebo kodwa kakhulu babusisiwe abalizwayo ilizwi likaNkulunkulu, baligcine.
Ubusuku budlulile, usuku selusondele; ngakho-ke asilahle imisebenzi yobumnyama, sihlome izikhali zokukhanya.
Kodwa, bathandekayo, ningayikhohlwa lento eyodwa, ukuthi usuku olulodwa eNkosini lunjengeminyaka eyinkulungwane, neminyaka eyinkulungwane injengosuku olulodwa.
Yathi kimi: “Ungavali ngophawu amazwi esiprofetho sale ncwadi, ngokuba isikhathi siseduze.
Bheka, ngiyeza masinyane; nomvuzo wami ukimi, ukumnika yilowo nalowo njengomsebenzi wakhe.
Ofakaza ngalezi zinto uthi: “Nempela ngiyeza masinyane. Amen. Noma kunjalo, woza, Nkosi Jesu.
Bheka, ngiyeza masinyane; bambisisa lokho onakho, ukuze kungabikho muntu okwamuka umqhele wakho.