Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 24:15 - Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngakho nxa libona amanyala encithakalo, akhulunywa nguDaniyeli umprofethi, emi endaweni engcwele, (ofundayo kaqedisise;)

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “Ngakho-ke nxa nibona amanyala encithakalo ashiwo nguDaniyeli umprofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele –

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

15 “Ngakho-ke uma nibona amanyala anyantisayo, akhuluma ngawo uDaniyeli umphrofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele ukuthi kusho ukuthini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

15 Ngakho nxa libona amanyala encithakalo, akhulunywa nguDaniyeli umprofethi, emi endaweni engcwele, (ofundayo kaqedisise;)

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 24:15
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“ ‘Lesi siyakuba yisibonakaliso kini,’ usho uJehova, ‘ukuthi ngiyakunijezisa kule ndawo ukuba nazi ukuthi amazwi ami ayakuma amelane nani kube kubi.’


Lowomuntu wathi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho, uqondise inhliziyo yakho kukho konke engiyakukukhombisa khona; ngoba ulethwe lapha ngenjongo yokukutshengisa; tshela indlu ka-Israyeli konke okubonayo.


Phakathi kwabo kwakukhona kubantwana bakwaJuda, uDaniyeli, noHananiya, noMishayeli, no-Azariya;


Futhi izikhali ziyokuma eceleni kwakhe, futhi ziyongcolisa indlu engcwele yamandla, futhi zisuse umhlatshelo wezinsuku zonke, futhi ziyomisa isinengiso esenza incithakalo.


Kusukela esikhathini sokususwa komnikelo wemihla ngemihla, nokumiswa kwesinengiso esichithayo, kuyakuba yizinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisishiyagalolunye.


Ekuqaleni kokunxusa kwakho kwaphuma umyalo, futhi ngiza ukukubonisa; ngoba uthandwa kakhulu; bese uqonda udaba futhi uqaphele ubuso.


Yazi-ke futhi uqonde ukuthi kusukela ekuphumeni komyalo wokubuyisela nokwakha iJerusalema kuze kufike uMesiya, iNkosana, kuyohlala amasonto ayisikhombisa namasonto angamashumi ayisithupha nambili: umgwaqo uyokwakhiwa futhi nodonga, ngisho nasezikhathini ezinzima.


Futhi iyoqinisa isivumelwano nabaningi isonto elilodwa; futhi phakathi nesonto uyokwenza ukuba umhlatshelo nomnikelo wempuphu kuphele, futhi ngenxa yokwanda kwezinengiso uyokwenza kube ihlane kuze kube sekugcineni futhi uyothululwa phezu koyedwa.


Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni;


Kepha nxa nibona amanyala encithakalo, akhulunywa nguDaniyeli umprofethi, imi lapho kungafanele khona, (ofundayo makaqonde), khona-ke abaseJudiya mababalekele ezintabeni;


Ngokuba izinsuku ziyakufikela, lapho izitha zakho ziyokubiyela ngomsele, zikuhaqe, zikuvimbezele nxazonke;


Lapho nibona iJerusalema lihaqwe amabutho, yazini-ke ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo.


Uma simyeka kanjalo, bonke bayakukholwa nguye; futhi amaRoma ayakuza, athathe kokubili indawo yethu nesizwe.


ememeza esithi: Madoda akwaIsrayeli, sizani! Lona nguye umuntu ofundisa bonke ezindaweni zonke okuphambene nabantu, nomthetho, nalendawo, futhi engenisa namaGreki ethempelini, wayingcolisa le ndawo engcwele.


Base bemisa ofakazi bamanga abathi: “Lona kayeki ukukhuluma amazwi ayinhlamba ngale ndawo engcwele nangomthetho;


Ngakho-ke sifanele ukunakisisa kakhulu lokho esikuzwileyo, funa noma nini sishelele.


Ubusisiwe ofundayo, nabawezwayo amazwi alesi siprofetho, bagcine okulotshiweyo kuso, ngokuba isikhathi siseduze.


Onendlebe makezwe lokho akushoyo uMoya emabandleni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka