Hoseya 9:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 Bonke ububi babo buseGiligali, ngokuba ngabazonda khona; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angisayikubathanda; zonke izikhulu zabo ziyizihlubuki. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Bonke ububi babo buseGiligali; ngalokho ngabazonda khona; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angisayikubathanda; zonke izikhulu zabo zingabahlubuki. IsiZulu 2020 Bonke ububi babo buseGiligali, impela ngabazonda khona lapho; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angiyukubathanda futhi; zonke izikhulu zabo zingamahlubuka. |
Izikhulu zakho ziyizihlubuki nabangane bamasela; wonke umuntu uthanda izipho futhi ujaha imivuzo; abahluleli izintandane, necala lomfelokazi alifiki kubo.
Kube kuhle kimi ukwenzani endlini yami, lapho ehlazekile nabaningi, nenyama engcwele idlulile kuwe na? uma wenza okubi, uyajabula.
Wayesethi uJehova kimi: “Noma oMose noSamuweli babemi phambi kwami, nokho imicabango yami yayingenakubhekisa kulaba bantu; zilahle ebusweni bami, ziphume.
Ngabona, lapho mina, ngenxa yazo zonke izihlubuki u-Israyeli aphinge ngazo, ngamlahla, ngamnika incwadi yesahlukaniso; kepha udadewabo okhohlisayo uJuda akesabanga, kepha wahamba wafeba naye.
Ngiyakuziyisa kwabakhulu, ngikhulume nabo; ngokuba babeyazi indlela kaJehova nomthetho kaNkulunkulu wabo; kodwa balaphula ngokupheleleyo ijoka futhi bagqabula izibopho.
Izikhulu zalo phakathi kwawo zinjengezimpisi ezidwengula impango, ukuchitha igazi nokubhubhisa imiphefumulo, ukuze zithole inzuzo yokungathembeki.
Wabuye wakhulelwa, wazala indodakazi. UNkulunkulu wathi kuye: “Mbize ngokuthi uLoruhama, ngokuba angisayikuba nomusa kuyo indlu yakwa-Israyeli; kodwa ngizabasusa ngokupheleleyo.
UNkulunkulu wathi: “Mbize ngokuthi uLoami, ngokuba anisibo abantu bami, nami angiyikuba nguNkulunkulu wenu;
Kukhona ukungabi nabulungisa eGileyadi? impela ziyize; bahlaba izinkunzi eGiligali; yebo, ama-altare abo anjengezinqwaba emiseleni yensimu.
UJehova uphikisana noJuda, uyakuhambela uJakobe ngokwezindlela zakhe; uyakumbuyisela ngokwezenzo zakhe.
Ngoba abantwana bakwa-Israyeli bayohlala izinsuku eziningi bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenasithombe esibaziweyo, bengenasembatho sehlombe, bengenazithixo zasendlini.
Noma ufeba, Israyeli, uJuda makangakhubeki; ningezi eGiligali, ningakhuphukeli eBeti Aveni, ningafungi: Kuphila kukaJehova!
Futhi njengabantu kuyakuba khona njengabapristi, futhi ngiyobahambela ngenxa yezindlela zabo futhi ngibuyisele kubo izenzo zabo.
Futhi abacabangi enhliziyweni yabo ukuthi ngiyakhumbula bonke ububi babo; ziphambi kobuso bami.
UNkulunkulu wami uyakubalahla, ngokuba abamlalelanga, bayakuba yizihambi phakathi kwezizwe.
Abayikuhlala ezweni likaJehova; kepha u-Efrayimi uyakubuyela eGibithe, badle okungcolileyo e-Asiriya.
Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, nginqume izinsika zenu ezingcwele, ngiphonse izidumbu zenu phezu kwezidumbu zezithombe zenu, umphefumulo wami unengeka nina.
Wozani eBethele, neqe; eGiligali siyanda isiphambeko; nilethe imihlatshelo yenu nokweshumi kwenu ekuseni njalo emva kweminyaka emithathu.
Ngalokho ngiyakunithuma ekuthunjweni ngaphesheya kweDamaseku, usho uJehova ogama lakhe linguNkulunkulu Sebawoti.
Kepha ningalifuni iBethele, ningangeni eGiligali, ningaweli eBeri Sheba; ngoba iGiligali lizakuya ekuthunjweni, leBhetheli lizabhubha.
Izinhloko zalo zahlulela ngenjongo yokuthola umvuzo, nabapristi balo bafundisa ngenjongo yokuthola umvuzo, nabaprofethi balo baprofetha ngenjongo yemali; nokho bayakwencika kuJehova, bathi: “Akakho uJehova phakathi kwethu na? akukho okubi okungasehlela.
O bantu bami, khumbulani lokho uBalaki inkosi yakwaMowabi akucebisa ngakho, nalokho uBileyamu indodana kaBeyori amphendula ngakho kusukela eShithimi kuze kube eGiligali; ukuze nazi ukulunga kukaJehova.
Izikhulu zawo phakathi kwawo zingamabhubesi abhodlayo; abahluleli bawo bayizimpisi zasebusuku; abadli amathambo kuze kuse.
Ngabulala abelusi abathathu ngenyanga eyodwa; umphefumulo wami wanengwa yizo, zanengwa nami.
Ngokuba isibili uHerode, noPontiyu Pilatu, kanye nabezizwe, nabantu bakwa-Israyeli babuthana ndawonye ngokumelene neNdodana yakho engcwele uJesu owamgcobayo;
Sebezwile bangena ethempelini ekuseni kakhulu, bafundisa. Kepha kwafika umpristi omkhulu nababe naye, babizela ndawonye umkhandlu nawo onke amadoda amakhulu abantwana bakwa-Israyeli, bathumela etilongweni ukuba balethwe.
Wayehamba iminyaka ngeminyaka eya eBhethele, naseGiligali, naseMispa, waqondisa u-Israyeli kuzo zonke lezo zindawo.