Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 12:11 - Contemporary Zulu Bible 2024

11 Kukhona ukungabi nabulungisa eGileyadi? impela ziyize; bahlaba izinkunzi eGiligali; yebo, ama-altare abo anjengezinqwaba emiseleni yensimu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Uma iGileyadi linobubi, impela bayakuba ngabachithiwe; uma behlabela izinkunzi eGiligali, ama-altare abo ayakuba njengezinqwaba ngasemiseleni yamasimu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

11 Ngabe iGiliyadi selonakele? Impela abaselutho; bahlabe izinkunzi eGiligali, ngakho-ke ama-althare abo ayakuba njengenqwaba yamatshe emiseleni yamasimu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 12:11
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Eliya waseThishibi, owabakhileyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, kule minyaka akuyikuba khona mazolo noma imvula, ngaphandle kwezwi lami.


Kepha uJehova wafakaza ngo-Israyeli noJuda ngesandla sabo bonke abaprofethi nangabo bonke ababoni, wathi: “Phendukani ezindleleni zenu ezimbi, nigcine imiyalo yami nezimiso zami ngokomthetho wonke engawuyala oyihlo, engawuyalayo. Ethunyelwe kini ngezinceku zami abaprofethi.


Ziyize nomsebenzi wenkohliso; ngesikhathi sokuhanjelwa kwazo ziyakubhubha.


Kepha bayiziphukuphuku neziwula; imfuyo iyimfundiso eyize.


Ngokuba ngaphulile ijoka lakho endulo, ngaphula izibopho zakho; wena wathi: Kangiyikweqa; lapho nizulazula niphinga kuwo wonke amagquma aphakeme naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza.


Baphi onkulunkulu bakho ozenzele bona na? mabasukume uma bengakusindisa ngesikhathi sokuhlupheka kwakho; ngoba njengomumo wemizi yakho banjalo onkulunkulu bakho, Juda!


Ndodana yomuntu, yenza imfumbe, ukhulume umfanekiso kuyo indlu yakwa-Israyeli;


U-Israyeli ungumvini ongenalutho, uyazithela izithelo; ngobuningi bezithelo zawo wandisa ama-altare; njengobuhle bezwe lakhe benza izithombe ezinhle.


Inhliziyo yabo yahlukene phakathi; manje bayotholakala bentula; uyakuwadiliza ama-altare abo, achithe izithombe zabo.


Noma ufeba, Israyeli, uJuda makangakhubeki; ningezi eGiligali, ningakhuphukeli eBeti Aveni, ningafungi: Kuphila kukaJehova!


IGileyadi lingumuzi wabenza okubi, lingcoliswe ngegazi.


Ngokuba u-Efrayimi wandisa ama-altare ukuba one, ama-altare ayakuba ngezono ngawo.


Bonke ububi babo buseGiligali, ngokuba ngabazonda khona; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angisayikubathanda; zonke izikhulu zabo ziyizihlubuki.


Wozani eBethele, neqe; eGiligali siyanda isiphambeko; nilethe imihlatshelo yenu nokweshumi kwenu ekuseni njalo emva kweminyaka emithathu.


Kepha ningalifuni iBethele, ningangeni eGiligali, ningaweli eBeri Sheba; ngoba iGiligali lizakuya ekuthunjweni, leBhetheli lizabhubha.


Ababona okuyize zamanga bashiya umusa wabo.


Futhi wathi: Yizwani amazwi ami: Uma kukhona umprofethi phakathi kwenu, mina, iNkosi, ngizozazisa kuye ngombono futhi ngikhulume kuye ngephupho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka