Ngokuba amehlo akhe aphezu kwezindlela zomuntu, futhi ubona zonke izindlela zakhe.
Hoseya 7:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi abacabangi enhliziyweni yabo ukuthi ngiyakhumbula bonke ububi babo; ziphambi kobuso bami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abacabangi ezinhliziyweni zabo ukuthi ngiyakhumbula konke okubi kwabo; sebezungeziwe yizenzo zabo, ziphambi kobuso bami. IsiZulu 2020 Abacabangi emiqondweni yabo ukuthi ngibukhumbula bonke ububi babo. Manje sebehaqwe yizenzo zabo, eziphambi kobuso bami. |
Ngokuba amehlo akhe aphezu kwezindlela zomuntu, futhi ubona zonke izindlela zakhe.
Wathi enhliziyweni yakhe: “UNkulunkulu ukhohliwe; Uyafihla ubuso bakhe; akasoze ayibona.
Ungakhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami; ngicabange ngokomusa wakho ngenxa yomusa wakho, Jehova.
Lalelani lokhu khathesi, lina elikhohlwa uNkulunkulu, ukuze ngingalidabula, njalo kungabi lamuntu osindisayo.
UJehova uyaziwa ngesahlulelo sakhe; omubi uhileleke emsebenzini wezandla zakhe. I-Higgaion. Sela.
Uzibekile iziphambeko zethu phambi kwakho, nezono zethu ezifihliweyo ekukhanyeni kobuso bakho.
Inkabi iyamazi umniniyo, nembongolo iyamazi umkhombe womnumzane wayo, kepha u-Israyeli akazi, abantu bami abalaleli.
Jehova, ekuhluphekeni bakuhambela, bathulula umkhuleko ekujeziseni kwakho phezu kwabo.
Akakho ophakamisa enhliziyweni yakhe, kungekho kwazi nokuqonda ukuba athi: Ingxenye yawo ngiyishisile ngomlilo; yebo, ngabhaka isinkwa phezu kwamalahle alo; ngosiwe inyama, ngayidla, nensali yakhona ngiyenze isinengiso na? ngizowela esiqwini sesihlahla?
Usho kanje uJehova kulaba bantu, uthi: “Bathanda ukuduka, abazinqandanga izinyawo zabo; ngalokho uJehova akathokozi ngabo; Manje uzokhumbula ububi babo futhi ahambele izono zabo.
Ngokuba amehlo ami akuzo zonke izindlela zabo; azifihlekile ebusweni bami, nobubi bazo abufihlekile emehlweni ami.
Isono sikaJuda silotshwe ngosiba lwensimbi langesihloko sedayimani; kuqoshwe etafuleni lezinhliziyo zabo nasezimpondweni zama-altare enu;
Ububi bakho buyakusola, nezizondo zakho ziyakusola; yazi, ubone ukuthi kuyinto embi nebabayo ukuthi umshiyile uJehova uNkulunkulu wakho nokuthi ukwesaba kwami akukho kuwe, isho iNkosi uJehova Sebawoti.
Umkhulu ngesiluleko, unamandla emsebenzini, ngokuba amehlo akho avulekile kuzo zonke izindlela zabantwana babantu ukuba unike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe, njengokwezithelo zezenzo zakhe.
Indlela yakho nezenzo zakho kukulethele lezi zinto; kungububi bakho, ngoba kumunyu, ngoba kufinyelela enhliziyweni yakho.
Impepho enayinyusa emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, nina nawoyihlo, namakhosi enu, nezikhulu zenu, nabantu bezwe, uJehova akayikhumbulanga, ayingenanga ingqondo yakhe?
Lapho bekubona ngeze, bekhuluma amanga kuwe, ukuze bakwehlisele phezu kwezintamo zalabo abanqotshiweyo, ababi abalusuku lwabo lufikile lokuthi ububi babo buphele.
UJehova uphikisana noJuda, uyakuhambela uJakobe ngokwezindlela zakhe; uyakumbuyisela ngokwezenzo zakhe.
Futhi njengabantu kuyakuba khona njengabapristi, futhi ngiyobahambela ngenxa yezindlela zabo futhi ngibuyisele kubo izenzo zabo.
Emva kwezinsuku ezimbili uyakusiphilisa; ngosuku lwesithathu uyakusivusa, siphile phambi kwamehlo akhe.
Bahlabela inyama yemihlatshelo yami, bayidle; kepha uJehova akabemukeli; manje uyakukhumbula ukona kwabo, ahambele izono zabo; bayakubuyela eGibithe.
Bonke ububi babo buseGiligali, ngokuba ngabazonda khona; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angisayikubathanda; zonke izikhulu zabo ziyizihlubuki.
Bazonakalisa ngokujulile njengasezinsukwini zaseGibeya; ngalokho uyakukhumbula ububi babo, ahambele izono zabo.
UJehova wafunga ngobukhosi bukaJakobe, wathi: “Angiyikukhohlwa nokuyikho imisebenzi yabo.
Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze ngawo; ngoba ububi babo bukhuphukele phambi kwami.
Kepha uma ningakwenzi lokhu, bhekani, nonile kuJehova; futhi uqiniseke ukuthi isono sakho siyakuthola.
Ngokuba akukho okumboziwe, okungayikwambulwa; nokufihliweyo, okungasayikwaziwa.
Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ize ifike iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihliweyo kobumnyama, iveze obala amacebo ezinhliziyo, khona-ke yilowo nalowo uyakuba nodumo kuNkulunkulu.
Asikho isidalwa esingabonakali phambi kwakhe, kepha zonke izinto zíze, zivuliwe emehlweni alowo esizinda kuye.