Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Hoseya 7:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Abacabangi ezinhliziyweni zabo ukuthi ngiyakhumbula konke okubi kwabo; sebezungeziwe yizenzo zabo, ziphambi kobuso bami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

2 Abacabangi emiqondweni yabo ukuthi ngibukhumbula bonke ububi babo. Manje sebehaqwe yizenzo zabo, eziphambi kobuso bami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Futhi abacabangi enhliziyweni yabo ukuthi ngiyakhumbula bonke ububi babo; ziphambi kobuso bami.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Hoseya 7:2
33 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Ngokuba amehlo akhe akuzo izindlela zomuntu; ubona zonke izinyathelo zakhe.


Uthi enhliziyweni yakhe: “UNkulunkulu ukhohliwe, ubusithezile ubuso bakhe; akasoze wakubona nanini.”


Ungazikhumbuli izono zobusha bami neziphambeko zami; ngikhumbule ngokomusa wakho ngenxa yobubele bakho, Jehova.


“Qaphelani lokho nina enikhohlwa uNkulunkulu, funa nginidwengule, kungabikho osindisayo.


UJehova uzazisile, wahlulela; umcuphile omubi emsebenzini wezandla zakhe. Higayoni.* Sela*


Ubekile amacala ethu phambi kwakho, izono zethu ezifihliweyo ekukhanyeni kobuso bakho.


Inkabi iyamazi umniniyo nembongolo umkhombe womnikaziyo; u-Israyeli akazi, isizwe sami asiqondi.”


Jehova, besekuhluphekeni bakuhambela, bazethula ngemikhuleko lapho belaywa nguwe.


Akakho okhumbulayo, nokwazi nokuqonda akukho kokuba kuthiwe: “Ngishisile inxenye yawo ngomlilo, ngenzile isinkwa phezu kwamalahle awo, ngosile inyama, ngayidla; ngingenza okuseleyo kuwo kube yisinengiso, ngikhothamele umbhuku womuthi,” na?


Ihabu* nogubhu, isigubhu negenkle, newayini kukhona emadilini abo, kepha abanakekeli imisebenzi kaJehova, nezenzo zezandla zakhe abaziboni.


Usho kanje uJehova ngalaba bantu, uthi: “Bathanda ukuzula kanjalo, abazibambi izinyawo zabo; uJehova akathokozi ngabo; manje uyakubukhumbula ububi babo, azihambele izono zabo.”


Ngokuba amehlo ami akuzo zonke izindlela zabo; abasithele ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami.


“Isono sakwaJuda silotshiwe ngothi lwensimbi lokuloba; ngesihloko sedayimani* siqoshiwe ezibhebheni zezinhliziyo zabo nasezimpondweni zama-altare enu,


Ububi bakho buyakukulaya, nokuhlehla kwakho kuyakukusola; yazi, ubone ukuthi kuyinto embi nebabayo yokuthi umhlubukile uJehova uNkulunkulu wakho nokuthi ukungesaba akukho kuwe,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.


omkhulu emaswini, onamandla ezenzweni, omehlo akho avulekele zonke izindlela zabantu ukuba unike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe nanjengezithelo zemisebenzi yakhe;


“Ukuhamba kwakho nezenzo zakho kukwenzele lokhu; lokhu kuyingozi yakho ngokuba imunyu; ifinyelele enhliziyweni yakho.”


“Impepho enayishisa emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema nina nawoyihlo, namakhosi enu, nezikhulu zenu, nabantu bezwe, uJehova akayikhumbulanga, ayingenanga enhliziyweni yakhe, na?


besakubonisa amanga, bekubhulela inkohliso yokuthi uyakubekwa ezintanyeni zababi ababulawayo, abalusuku lwabo lufika ngesikhathi sokuphela kokubi.


UJehova unokuphikisana noJuda futhi; uyakuhambela uJakobe ngenxa yezindlela zakhe, ambuyisele ngokwezenzo zakhe.


Kuyakuthi njengabantu abe njalo umpristi: ngiyakubahambela ngenxa yezindlela zabo, ngibuyisele kubo izenzo zabo.


Uyakusiphilisa ngezinsuku ezimbili, asivuse ngosuku lwesithathu, siphile phambi kwakhe.


Imihlatshelo yeminikelo yami bayihlaba, bayidle inyama, kepha uJehova akayenameli. Useyakhumbula ububi babo, abahambele ngezono zabo, babuyele eGibithe.


“Bonke ububi babo buseGiligali; ngalokho ngabazonda khona; ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami, angisayikubathanda; zonke izikhulu zabo zingabahlubuki.


Bazonakalisile ngokujulileyo njengasezinsukwini zaseGibeya; uyakhumbula ububi babo, uyabahambela ngezono zabo.


UJehova ufungile ukuziqhenya kukaJakobe ngokuthi: “Impela angiyikukhohlwa kuze kube phakade nesisodwa sezenzo zabo.


“Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze phezu kwalo, ngokuba ububi balo benyukele ebusweni bami.”


“Kepha uma ningenzi njalo, bhekani, nonile kuJehova; yazini ukuthi isono senu siyakunifumana.


Akukho okusitshekelweyo okungayikwambulwa, nokufihliweyo okungayikwaziwa.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihlakeleyo kobumnyama, iveze obala izizindlo zezinhliziyo; lapho-ke yilowo nalowo uyakuthola ukubongwa kuNkulunkulu.


Sengathi nga behlakaniphile ukuba bakuqonde lokho, bazindle ngokugcina kwabo.


futhi akukho nto edaliweyo engabonakali phambi kwakhe, kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka