Kwathi wonke u-Israyeli esezwile ukuthi uJerobowamu ubuyile, bathumela bambizela ebandleni, bambeka inkosi phezu kuka-Israyeli wonke; akubangakho owalandela indlu kaDavide, kuphela isizwe sakwaJuda sodwa.
Hoseya 13:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Mina ngizakuba yinkosi yenu; uphi omunye ongakusindisa emizini yakho yonke na? nabahluleli bakho owasho ngabo ukuthi: ‘Nginike inkosi nezikhulu; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Iphi inkosi yakho manje ukuba ikusindise emizini yakho yonke; nabahluleli bakho, wena owathi: ‘Ngiphe inkosi nezikhulu’? IsiZulu 2020 Iphi inkosi yakho manje ukuze ikusindise kuyo yonke imizi yakho, na? Baphi abaholi bakho, wena owathi ngabo: “Nginike inkosi nabaholi” na? |
Kwathi wonke u-Israyeli esezwile ukuthi uJerobowamu ubuyile, bathumela bambizela ebandleni, bambeka inkosi phezu kuka-Israyeli wonke; akubangakho owalandela indlu kaDavide, kuphela isizwe sakwaJuda sodwa.
Inkosi yase-Asiriya yafumana ugobe kuHoseya, ngokuba yathuma izithunywa enkosini yaseGibithe, ingalethi isipho enkosini yase-Asiriya njengokwenza kwakhe iminyaka ngeminyaka; ngalokho inkosi yase-Asiriya yamvalela, yambopha etilongweni.
U-Israyeli makajabule ngaye owamenzayo; abantwana baseSiyoni mabajabule ngeNkosi yabo.
Ngoba uNkulunkulu uyiNkosi yami kusukela endulo owenza insindiso phakathi komhlaba.
Ngokuba uJehova uyisiphephelo sethu; futhi oNgcwele ka-Israyeli uyinkosi yethu.
Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu, uJehova unguMniki-mthetho wethu, uJehova uyinkosi yethu; uzosisindisa.
Baphi onkulunkulu bakho ozenzele bona na? mabasukume uma bengakusindisa ngesikhathi sokuhlupheka kwakho; ngoba njengomumo wemizi yakho banjalo onkulunkulu bakho, Juda!
Bhekani izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami phezu kwabakhileyo ezweni elikude, lithi: “Akakho uJehova eSiyoni na? Inkosi yayo ayikho kuye na? Bangiklolodelani ngezithombe zabo ezibaziweyo nangezithombe eziyize ezingaziwa na?
Umoya wamakhala ethu, ogcotshiweyo kaJehova, wabanjwa emithonjeni yabo, esasho ngaye ukuthi: ‘Emthunzini wakhe siyakuhlala phakathi kwezizwe.
Ngokuba manje bayakuthi: ‘Asinankosi, ngokuba asimesabanga uJehova; khona-ke inkosi ingasenzani?
Kepha mina nginguJehova uNkulunkulu wakho kwasezweni laseGibithe, awazi nkulunkulu ngaphandle kwami, ngokuba akakho umsindisi ngaphandle kwami.
Ngoba abantwana bakwa-Israyeli bayohlala izinsuku eziningi bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenasithombe esibaziweyo, bengenasembatho sehlombe, bengenazithixo zasendlini.
Bonke bashisa njengeziko, baqedile abahluleli babo; onke amakhosi abo awile; akakho phakathi kwabo obiza Kimi.
Babeka amakhosi, kodwa kungengami; benza izikhulu, mina ngingazi; ngesiliva labo nangegolide labo bazenzele izithombe, ukuze babhujiswe.
UJehova uyakuba yinkosi phezu komhlaba wonke: ngalolo suku kuyakuba munye uJehova, negama lakhe libe linye.
UNathanayeli waphendula, wathi kuye: “Rabi, wena uyiNdodana kaNkulunkulu; wena uyiNkosi yakwa-Israyeli.
INkosi yasisithi kuSamuweli: Lalela ilizwi labantu kukho konke abakutsho kuwe, ngoba kabakulahlanga wena, kodwa bangilahlile mina, ukuze ngingabi yinkosi phezu kwabo.