Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nomniki-mthetho phakathi kwezinyawo zakhe aze afike uShilo; futhi kuyakuba kuye ukubuthwa kwabantu.
Hoseya 10:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba manje bayakuthi: ‘Asinankosi, ngokuba asimesabanga uJehova; khona-ke inkosi ingasenzani? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yebo, manje bayakuthi: “Asinankosi, ngokuba asimesabanga uJehova; kepha inkosi ingasenzelani na?” IsiZulu 2020 Impela, manje bayakuthi: “Asinankosi, ngokuba asimesabanga uSimakade; pho inkosi ibizosenzelani na?” |
Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nomniki-mthetho phakathi kwezinyawo zakhe aze afike uShilo; futhi kuyakuba kuye ukubuthwa kwabantu.
UShalumi indodana kaJabeshi waba yinkosi ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye ka-Uziya inkosi yakwaJuda; wabusa inyanga yonke eSamariya.
Abathi: Ngolimi lwethu siyakunqoba; izindebe zethu ngokwethu; ngubani oyinkosi phezu kwethu na?
Abathi: Kaphangise, awuphangise umsebenzi wakhe, ukuze siwubone; icebo loNgcwele ka-Israyeli malisondele lize, ukuze silazi!
Iyakwenze njalo kini iBethele ngenxa yobubi benu obukhulu; ekuseni inkosi yakwa-Israyeli iyakushaywa ngesiqalekiso.
Kayikubuyela elizweni leGibhithe, kodwa iAsiriya lizakuba yinkosi yayo, ngoba bala ukubuya.
Mina ngizakuba yinkosi yenu; uphi omunye ongakusindisa emizini yakho yonke na? nabahluleli bakho owasho ngabo ukuthi: ‘Nginike inkosi nezikhulu;
Ngoba abantwana bakwa-Israyeli bayohlala izinsuku eziningi bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenasithombe esibaziweyo, bengenasembatho sehlombe, bengenazithixo zasendlini.
Manje ukhalelani ngokuzwakalayo? Ayikho inkosi kuwe? ufile umeluleki wakho na? ngoba usizi lukubambile njengobelethayo.
Kodwa bamemeza bathi: Susa, susa, mbethele esiphambanweni! UPilatu wathi kubo: Ngibethele inkosi yenu na? Abapristi abakhulu baphendula bathi: Kasilankosi ngaphandle kukaKesari.