Anifanele ukulwa kule mpi; sukumani nime, nibone ukukhulula kukaJehova nani Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumani kusasa niyokulwa nabo, ngokuba uJehova uyakuba nani.
Hagayi 2:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Njengezwi engalenza nani ekuphumeni kwenu eGibithe, umoya wami uphakathi kwenu; Ungesabi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ‘Isithembiso enganinika sona ekuphumeni kwenu eGibithe noMoya wami kuyakuhlala phakathi kwenu; ningesabi.’ IsiZulu 2020 ‘Izwi engavumelana nani ngalo mhla niphuma eGibhithe noMoya wami kuyakuhlala kunani, ningesabi.’ |
Anifanele ukulwa kule mpi; sukumani nime, nibone ukukhulula kukaJehova nani Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumani kusasa niyokulwa nabo, ngokuba uJehova uyakuba nani.
Wabanika nomoya wakho omuhle ukubafundisa, awugodlanga imana lakho emlonyeni wabo, wabanika amanzi ngokoma kwabo.
Eminye iminyaka eminingi wababekezelela futhi wafakaza ngokumelene nabo ngomoya wakho kubaprofethi bakho; nokho abalalelanga; ngalokho wabanikela esandleni sabantu bamazwe.
Nabona engakwenzayo kwabaseGibithe, nokuthi nganithwala ngamaphiko okhozi nganiletha kimi.
Niyakuba ngumbuso wabapristi kimi nesizwe esingcwele. Lawa ngamazwi okumelwe uwakhulume kubantwana bakwa-Israyeli.
UMose wayesefika, wabatshela abantu onke amazwi kaJehova nezimiso zonke; abantu bonke baphendula ngazwi linye, bathi: “Onke amazwi uJehova awakhulumile siyakuwenza.”
UMose wayesethatha igazi, wafafaza ngalo abantu, wathi: “Nanti igazi lesivumelwano uJehova asenza nani ngawo onke lawa mazwi.
Wathi: “Bheka, ngenza isivumelwano: phambi kwabantu bonke bakho ngiyakwenza izimangaliso ezingazange zenziwe emhlabeni wonke nakusiphi isizwe; zonke izizwe onazo ziyakwenza umsebenzi kaJehova, ngokuba kuyinto embi engizoyenza kuwe.
Ningesabi; ngoba mina nginani; ningethuki; ngoba nginguNkulunkulu wenu; Ngizokuqinisa; yebo, ngizokusiza; yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
Ngokuba mina, Jehova uNkulunkulu wakho, ngiyakubamba isandla sakho sokunene ngithi kuwe: Ungesabi; ngizokusiza.
Yasiphendula yakhuluma kimi, yathi: Leli yilizwi le Nkosi kuZerubabele, elithi: Kungabi ngamandla kumbe ngamandla, kodwa ngomoya wami, kutsho i Nkosi yamabandla.
Futhi njengoba naniyisiqalekiso phakathi kwezizwe, O ndlu yakwaJuda nawe ndlu ka-Israyeli! ngakho ngiyakukusindisa, wena ube yisibusiso; ningesabi, kepha maziqine izandla zenu.
Ngakho nami ngacabanga ngalezo zinsuku ukwenzela iJerusalema nendlu kaJuda okuhle; Ungesabi.
Ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina, ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni.
Isithi: Ungesabi, Pawuli; umelwe ukumiswa phambi kukaKesari; bheka, uNkulunkulu ukunikile bonke abahamba nawe ngomkhumbi.
Angililayanga yini? Qina, ume isibindi; ungesabi, ungapheli amandla, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.
UJehova wayesethi kuJoshuwa: “Ungesabi, ungapheli amandla; thatha bonke abantu bempi kanye nawe, uqede, ukhuphukele e-Ayi; bheka, ngiyayinikela esandleni sakho inkosi yase-Ayi, nabantu bayo, nomuzi wayo, nezwe layo;
Kwathi ngimbona, ngawa ngasezinyaweni zakhe njengofileyo. Wayesebeka isandla sakhe sokunene phezu kwami, ethi kimi: “Ungesabi; ngingowokuqala nowokugcina;