Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 28:5 - Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina, ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Kodwa ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina; ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

5 Ingelosi yaphendula yathi kwabesifazane: “Ningesabi, ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina, ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 28:5
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Khulumani kwabesaba inhliziyo ukuthi: Qinani, lingesabi; bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza nempindiselo, uNkulunkulu enempindiselo; uzoza anisindise.


Ningesabi; ngoba mina nginani; ningethuki; ngoba nginguNkulunkulu wenu; Ngizokuqinisa; yebo, ngizokusiza; yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Ungesabi wena sibungu Jakobe, nani madoda akwa-Israyeli! ngiyakusiza, usho uJehova, noMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli.


Yayisithi kimi: “Ungesabi, Daniyeli, ngokuba kusukela osukwini lokuqala owabeka ngalo inhliziyo yakho ekuqondeni nasekukujeziseni phambi kukaNkulunkulu wakho, amazwi akho ezwiwa, mina ngizele amazwi akho.


wathi: “O othandekayo, ungesabi; ukuthula kini, qinani, yebo, qinani. Lapho ekhuluma kimi, ngaba namandla, ngathi: “Mayikhulume inkosi yami; ngoba ungiqinisile.


Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane, wathi: Manini isibindi; yimina; ningesabi.


UJesu wayesethi kubo: “Ningesabi; hambani nitshele abafowethu ukuthi baye eGalile, futhi bayakungibona khona.


Ngokuyesaba kwayo abalindi bathuthumela, baba njengabafileyo.


Wathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; kakho lapha; bhekani indawo lapho ababembeke khona.


Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu.


Besaba bekhothamele phansi ngobuso, bathi kubo: “Nifunelani ophilayo kwabafileyo na?


uNkulunkulu amvusayo, esethukululile iminjunju yokufa, ngoba kwakungenzeki ukuthi abanjwe yikho.


Azisibo yini zonke omoya abakhonzayo, abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakuba yizindlalifa zensindiso na?


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka