Le ndlu yaqedwa ngosuku lwesithathu lwenyanga ka-Adari, ngomnyaka wesithupha wokubusa kwenkosi uDariyu.
Esteri 9:21 - Contemporary Zulu Bible 2024 ukukumisa phakathi kwabo, ukuthi bagcine usuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari nolweshumi nanhlanu lwayo minyaka yonke; IBHAYIBHELI ELINGCWELE ukumisa ukuba bagcine usuku lweshumi nane lwenyanga ka-Adari nosuku lweshumi nanhlanu lwayo iminyaka yonke IsiZulu 2020 Wabayala ukuba usuku lwe-14 nolwe-15, lwenyanga u-Adari, bazigcine zibe yizinsuku zokugubha umkhosi minyaka yonke. |
Le ndlu yaqedwa ngosuku lwesithathu lwenyanga ka-Adari, ngomnyaka wesithupha wokubusa kwenkosi uDariyu.
Ngenyanga yokuqala eyinyanga kaNisani, ngomnyaka weshumi nambili wenkosi u-Ahashiveroshi, benza iPhure eliyinkatho phambi kukaHamani usuku nosuku nenyanga nenyanga, kwaze kwaba yinyanga yeshumi nambili, okungukuthi; inyanga ka-Adari.
Ngosuku lweshumi nantathu lwenyanga ka-Adari; ngosuku lweshumi nane lwaso baphumula, balwenza lwaba usuku lwedili nolokuthokoza.
Kepha abaJuda ababeseShushani babuthana ngolweshumi nantathu nangolweshumi nane; ngosuku lweshumi nanhlanu lwaso baphumula, balwenza lwaba usuku lwedili nolokuthokoza.
UMoridekayi waloba lezi zinto, wathumela izincwadi kuwo wonke amaJuda ayesezifundazweni zonke zenkosi u-Ahashiveroshi, aseduze nakude;
njengezinsuku amaJuda aphumula ngazo ezitheni zawo, nenyanga eyaguqulelwa kuwo usizi yaba intokozo, nokulila kwaba usuku oluhle; nezipho kwabampofu.
AmaJuda anquma futhi azithathela wona kanye nenzalo yawo nabo bonke abazihlanganisa nawo, ukuze kungapheli, ukuthi bagcine lezi zinsuku ezimbili njengemibhalo yabo nangesikhathi sazo esimisiwe unyaka nonyaka;
Khona-ke u-Esteri indlovukazi, indodakazi ka-Abihayili, noMoridekayi umJuda baloba ngamandla onke ukuze baqinise le ncwadi yesibili yePurimi.