Base bebizwa ababhali benkosi ngosuku lweshumi nantathu lwenyanga yokuqala, kulotshiwe njengakho konke uHamani ayekushilo ezikhulwini zenkosi nakubabusi ababephezu kwezifunda zonke, nakubabusi babo bonke abantu abavela emazweni. Isifunda ngasinye ngombhalo waso, nabantu, yileso naleso ngolimi lwaso; kwalotshwa egameni lenkosi u-Ahashiveroshi, kwatywinwa ngendandatho yenkosi.