Hamba uqoqe wonke amaJuda akhona eShushani, ningizilele, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu, ubusuku nemini. Mina nezincekukazi zami siyakuzila kanjalo; kanjalo ngiyongena enkosini, okuphambene nomthetho; futhi uma ngibhubha, ngiyabhubha.
Esteri 8:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 AmaJuda athola ukukhanya, intokozo lenjabulo lodumo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE AbaJuda base benakho ukukhanya, nokuthokoza, nokujabula, nodumo. IsiZulu 2020 KumaJuda kwakunokukhanya, nenjabulo, nentokozo, nokuhlonipheka. |
Hamba uqoqe wonke amaJuda akhona eShushani, ningizilele, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu, ubusuku nemini. Mina nezincekukazi zami siyakuzila kanjalo; kanjalo ngiyongena enkosini, okuphambene nomthetho; futhi uma ngibhubha, ngiyabhubha.
Ngosuku lweshumi nantathu lwenyanga ka-Adari; ngosuku lweshumi nane lwaso baphumula, balwenza lwaba usuku lwedili nolokuthokoza.
Ngokuba abaqotho, ukukhanya kuyaphuma ebumnyameni; Unomusa futhi ugcwele uzwelo futhi unobulungisa.
UNkulunkulu unguJehova owenza ukuba sibone ukukhanya; bopha umnikelo ngezintambo ezimpondweni ze-altare.
Ngokuba wena uyakukhanyisa isibani sami; uJehova uNkulunkulu wami uyakukhanyisa ubumnyama bami.
Udumo lwami luze luhlabelele udumo lwakho, lungathuli. O Jehova Nkulunkulu wami, ngizokudumisa kuze kube phakade.
Lapho kuhambela kahle kwabalungileyo, umuzi uyajabula; nalapho ababi bebhubha, kukhona ukuthokoza.
Lapho abalungileyo bethokoza, kukhona inkazimulo enkulu; kepha lapho ababi bevuka, umuntu uyacasha.
Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya, beze eSiyoni behlabelela, benokuthokoza okuphakade emakhanda abo; ukujabula nokuthokoza kuyakutholwa, kubaleke usizi nokububula.