Kwenyuka umusi emakhaleni akhe nomlilo emlonyeni wakhe wadla; amalahle abaswa ngakho.
AmaHubo 97:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Umlilo uyaphuma phambi kwakhe ushise izitha zakhe nxazonke. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Umlilo uyahamba phambi kwakhe, udla izitha zakhe nxazonke. IsiZulu 2020 Umlilo uhamba phambi kwakhe, uzishwabadele nxazonke izitha zakhe. |
Kwenyuka umusi emakhaleni akhe nomlilo emlonyeni wakhe wadla; amalahle abaswa ngakho.
UNkulunkulu wethu uyakufika, angathuli; umlilo uyakudla phambi kwakhe, uvunguze kakhulu nxazonke.
Ngabona, bheka, kwavela umoya oyisivunguvungu enyakatho, ifu elikhulu nomlilo ulisibekela, nokukhanya nxazonke zalo, nokuvela kulo okunjengombala wenhlaka, kuvela phakathi komlilo.
Kwaphuma umfula womlilo, waphuma phambi kwakhe; izinkulungwane zezinkulungwane zazimkhonza, nezinkulungwane eziyishumi zezinkulungwane eziyishumi zazimi phambi kwakhe; ukwahlulela kwamiswa, nezincwadi zavulwa.
Ngokuba bhekani, luyeza usuku oluvutha njengeziko; bonke abazidlayo, nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi;
Ngokuba umlilo uphekiwe entukuthelweni yami, ushise uze ufike endaweni yabafileyo, uqede umhlaba nezithelo zawo, uthungele izisekelo zezintaba.
Nasondela, nema phansi kwentaba; intaba yavutha umlilo waze wayongena phakathi kwezulu, inobumnyama, namafu, nesigayegaye.
Wenza ukuba uzwe izwi lakhe esezulwini ukuba anifundise; nasemhlabeni wanikhombisa umlilo wakhe omkhulu; nawezwa amazwi akhe ephakathi komlilo.
Elangabi lomlilo liphindisela kwabangamaziyo uNkulunkulu, labangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu Kristu;
Uma kukhona ofuna ukuwonakalisa, kuphuma umlilo emlonyeni wawo, uqede izitha zawo;
Noma ngubani ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila waphonswa echibini lomlilo.