Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 32:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngokuba umlilo uphekiwe entukuthelweni yami, ushise uze ufike endaweni yabafileyo, uqede umhlaba nezithelo zawo, uthungele izisekelo zezintaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Ngokuba umlilo uphenjiwe entukuthelweni yami; uyasha kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uqede umhlaba nezithelo zawo, wokhele izisekelo zezintaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

22 Ngokuba umlilo uphenjwe yintukuthelo yami; uyabhebhetheka kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uyaqothula umhlaba nezithelo zawo, wokhela nezisekelo zezintaba.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 32:22
42 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Thobisa izulu lakho, Jehova, wehle; zithinte izintaba, zithunqe.


Uyakubenza babe njengesithando somlilo ngesikhathi solaka lwakho; uJehova uyobashwabadela ngolaka lwakhe, futhi umlilo uyobaqeda.


Ngakho-ke asiyikwesaba, noma kuzamazama umhlaba, nezintaba zikhukhulwa phakathi kolwandle;


Njengomlilo oshisa izinkuni nanjengelangabi lithungela izintaba;


Ngokuba umusa wakho mkhulu kimi, uwukhululile umphefumulo wami endaweni yabafileyo.


Umlilo uyaphuma phambi kwakhe ushise izitha zakhe nxazonke.


Ngakho isiqalekiso siwudlile umhlaba, nabakhileyo kuwo bachithekile; ngalokho abakhileyo emhlabeni bayashiswa, kusele abantu abambalwa.


Ngokuba iThofeti lamiswa kwasendulo; yebo, ilungiselelwe inkosi; wawenza wajula, waba mkhulu; inqwaba yakhe ingumlilo nezinkuni eziningi; umoya kaJehova njengomfula wesibabule uyawuthungela ngomlilo.


Ngoba izintaba ziyomuka namagquma ayozamazama; kepha umusa wami awuyikusuka kuwe, nesivumelwano sami sokuthula asiyikunyakaziswa,” usho uJehova ohawukelayo.


Futhi ngiyokudabula kanye nezitha zakho ngiye ezweni ongalazi, ngoba umlilo ovuthayo ngentukuthelo yami oyovutha phezu kwakho.


Nani-ke niyakuyeka efeni lenu engininike lona; futhi ngiyokwenza ukhonze izitha zakho ezweni ongalazi; ngokuba niphembe umlilo entukuthelweni yami ovutha kuze kube phakade.


Zisokeleni kuJehova, nisuse ijwabu lezinhliziyo zenu, madoda akwaJuda nabakhileyo eJerusalema, ukuze ulaka lwami lungaphumi njengomlilo, luvuthe kungekho ongawucima, ngenxa yobubi bezenzo zenu.


UJehova wagwinya zonke izindlu zikaJakobe, akaba namusa kuye; ngentukuthelo yakhe yadiliza izinqaba zendodakazi yakwaJuda; Wabayisa emhlabathini; Wangcolisa umbuso nezikhulu zawo.


Ngokufutheka kwayo yachitha lonke uphondo luka-Israyeli, yasibuyisa isandla sayo sokunene esitheni sayo, yashisa phezu kukaJakobe njengomlilo ovuthayo odla inhlangothi zonke.


Wansala umnsalo wakhe njengesitha; Wema ngesandla sakhe sokunene njengesitha, wabulala konke okubonakala emehlweni etendeni lendodakazi yaseSiyoni; Wathulula ulaka lwakhe njengomlilo.


UJehova ulugcwalisile ulaka lwakhe; Wathulula ukufutheka kwakhe, waphemba umlilo eSiyoni, waqeda izisekelo zalo.


Kodwa wathukuthela ngokuthukuthela, waphonswa phansi, umoya wasempumalanga womisa izithelo zawo; izinduku zalo ezinamandla zaphuka zabuna; umlilo wabaqeda.


Yebo, ngiyonibuthela ndawonye futhi nginivuthele ngomlilo wolaka lwami, futhi niyoncibilika phakathi kwawo.


“Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Ngikhulumile ngomlilo womhawu wami ngokumelene nensali yabezizwe ne-Idumiya yonke ababeka izwe lami efa labo ngentokozo yenhliziyo yabo yonke ngonya ukuze balixoshe njengempango.


Ngokuba ngomhawu wami nangomlilo wentukuthelo yami ngakhuluma ngathi: Impela ngalolo suku kuyakuba khona ukuzamazama okukhulu ezweni lakwa-Israyeli;


Amandla enu ayakuphelela ngeze, ngokuba izwe lenu aliyikuthela izithelo zalo, nemithi yezwe ayiyikuthela izithelo zayo.


Funani uJehova, niyakuphila; funa avuthe njengomlilo endlini kaJosefa, awuqede, kungabikho owucimayo eBethele.


INkosi uJehova yangibonisa kanje: bheka, iNkosi uJehova yabiza ukulwa ngomlilo; waqeda uzamcolo omkhulu, waqeda ingxenye yawo.


Izintaba ziyoncibilika phansi kwakhe, nezigodi ziqhekezeke, njengengcina phambi komlilo, nanjengamanzi athululelwa endaweni eyehlelayo.


Izintaba zakubona, zathuthumela; isikhukhula samanzi sadlula; uZamcolo waphakamisa izwi lakhe, waphakamisa izandla zakhe phezulu.


Isiliva labo negolide labo ngeke libe namandla okubasindisa ngosuku lolaka lweNkosi; kodwa umhlaba wonke uzaqedwa ngomlilo womhawu wakhe;


Ngalokho ngilindeleni, usho uJehova, kuze kufike usuku engiyakuvuka ngalo ukuphanga; ngoba injongo yami iwukuqoqa izizwe, ukuze ngibuthe imibuso, ukuze ngithulule ulaka lwami phezu kwazo, yebo, lonke ulaka lwami oluvuthayo. Ngoba umhlaba wonke uzaqedwa ngomlilo womhawu wami.


Bona kanye nakho konke okwabo behlela egodini bephila, umhlaba wabavala, futhi babhubha phakathi kwebandla.


Kwasekuphuma umlilo ovela eNkosini, waqeda amadoda angamakhulu amabili lamatshumi amahlanu ababeletha impepha.


Ningabesabi ababulala umzimba, bengenamandla okubulala umphefumulo, kepha kakhulu mesabeni onamandla okubhubhisa nomphefumulo nomzimba esihogweni.


Uma iso lakho likukhubekisa, likhiphe, ulilahle;


Zinyoka, nzalo yamabululu, lingakubalekela njani ukulahlwa kwesihogo?


UJehova akayikumhawukela, kepha lapho intukuthelo kaJehova nokushisekela kwakhe kuyakushunqa kulowo muntu, zibe phezu kwakhe zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi, uJehova alibize igama lakhe phansi kwezulu, azesule.


Elangabi lomlilo liphindisela kwabangamaziyo uNkulunkulu, labangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu Kristu;


Ngoba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka