AmaHubo 96:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba bonke onkulunkulu bezizwe bayizithombe, kepha uJehova wenza izulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe, kepha uJehova walenza izulu. IsiZulu 2020 Bonke onkulunkulu babezizwe bayizithombe, kodwa uSimakade wenza izulu. |
Bheka, bonke bayize; imisebenzi yabo iyize, izithombe zabo ezibunjiweyo zingumoya nesiphithiphithi.
Usho kanje uNkulunkulu uJehova, owadala, oweneka izulu; owendlala umhlaba nokuphuma kuwo; onika abantu abakulo ukuphefumula, nabahamba kulo umoya;
Futhi niyabona, niyezwa, ukuthi kungesikho e-Efesu kuphela, kodwa cishe kulo lonke elase-Asiya, uPawuli lo udukise abantu abaningi, waphambukisa, wathi abasibo onkulunkulu abenziwe ngezandla;
Ngakho-ke mayelana nokudla okuhlatshelwe izithombe, siyazi ukuthi isithombe asilutho ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu ngaphandle koyedwa.