Khona umlomo wethu wawugcwele ukuhleka nolimi lwethu ukuhuba; bathi phakathi kwezizwe: UJehova ubenzele izinto ezinkulu.
AmaHubo 96:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Yishoni phakathi kwezizwe ukuthi uJehova uyinkosi; Uzakwahlulela izizwe ngokulunga. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Thanini phakathi kwabezizwe: “UJehova uyinkosi,” izwe lihlala liqinile, lingenakushukunyiswa; uthetha amacala ezizwe ngobuqotho. IsiZulu 2020 Shonini phakathi kwezizwe, nithi: “USimakade uyinkosi;” umhlaba umi uqinile, awunakunyakaziswa. Uyokwehlulela izizwe ngobuqotho. |
Khona umlomo wethu wawugcwele ukuhleka nolimi lwethu ukuhuba; bathi phakathi kwezizwe: UJehova ubenzele izinto ezinkulu.
Thula, nazi ukuthi mina nginguNkulunkulu; ngiyathanda ukuphakama phakathi kwabezizwe, ngiphakanyiswe emhlabeni.
Izizwe ziyaxokozela, imibuso iyazamazama; walizwakalisa izwi lakhe, umhlaba uyancibilika.
Ngakho omunye uyakuthi: Impela, kukhona umvuzo kwabalungileyo; impela unguNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.
Baqede ngokuthukuthela, baqede, bangabi khona; futhi mabazi ukuthi uNkulunkulu uyabusa kwaJakobe kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela.
Izizwe mazijabule, zijabule, ngokuba wena uyakwahlulela abantu ngokulunga, ubuse izizwe emhlabeni. Sela.
Ububi bababi mabuphele; kodwa uqinise abalungileyo, ngokuba uNkulunkulu olungileyo uhlola izinhliziyo nezinso.
UJehova uyakuba yisiphephelo kocindezelweyo, isiphephelo ngezikhathi zokuhlupheka.
UJehova uyinkosi, wembethe ubukhosi; uJehova wembethe amandla, azibhincile; nezwe lilungisiwe, ukuze linganyakaziswa.
Phambi kobuso bukaJehova, ngokuba uyeza, ngokuba uyeza ukwahlulela umhlaba; Uyakwahlulela izwe ngobulungisa, nezizwe ngeqiniso lakhe.
phambi kukaJehova; ngoba Uyeza ukwahlulela umhlaba; Uyakwahlulela izwe ngobulungisa, nezizwe ngobuqotho.
Usho kanje uJehova, uthi: “Ngesikhathi sokuthokoza ngakuzwa, nangosuku lwensindiso ngakusiza; amafa alahliwe;
Yeka ukuthi zithandeka kangakanani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle, omemezela ukuthula; oletha izindaba ezinhle, omemezela insindiso; othi kulo iZiyoni: UNkulunkulu wakho uyinkosi;
Futhi ezinsukwini zala makhosi uNkulunkulu wezulu uyovusa umbuso ongayikuchithwa phakade; umbuso awuyikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuphahlaza, uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume phakade.
Ngoba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekutshoneni kwalo ibizo lami lizakuba likhulu phakathi kwezizwe; nasezindaweni zonke kuyoshiselwa igama lami umnikelo ohlanzekile, ngokuba igama lami liyakuba likhulu phakathi kwezizwe,” usho uJehova Sebawoti.
Kepha makaqalekiswe umkhohlisi oneduna emhlambini wakhe, enze isithembiso, anikele ngokonakala kuJehova; ngokuba mina ngiyinkosi enkulu,” usho uJehova Sebawoti, negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe.
Ngokuba umisile usuku, ayokwahlulela ngalo izwe ngokulunga ngalowo muntu ammisile; enike bonke isiqinisekiso ngokumvusa kwabafileyo.
ukwembula iNdodana yakhe kimi, ukuze ngiyishumayele phakathi kwabezizwe; masinyane angibuzanga lutho ngenyama negazi.
Nigxilile nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokho nifundisiwe, nivame ukubonga.
Owathi engukukhanya kwenkazimulo yakhe, lomfanekiso wobuntu bakhe, ephakamisa zonke izinto ngelizwi lamandla akhe, esehlambulule izono zethu, wahlala phansi ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu;
Ingelosi yesikhombisa yayisibetha; kwase kuba khona amazwi amakhulu ezulwini, athi: Imibuso yalelizwe isibe imibuso yeNkosi yethu, lekaKristu wayo; futhi iyakubusa kuze kube phakade naphakade.
Ngabona izulu livulekile, bheka, ihhashi elimhlophe; nohlezi phezu kwalo ubizwa ngokuthi, oThembekileyo noQinisileyo, futhi ngokulunga uyahlulela, enze impi.
Ngezwa kungathi izwi lesixuku esikhulu, kungathi izwi lamanzi amaningi, nanjengezwi lokuduma okukhulu, lithi: “Haleluya!