Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 46:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Izizwe ziyaxokozela, imibuso iyazamazama; walizwakalisa izwi lakhe, umhlaba uyancibilika.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Izizwe ziyaxokozela; imibuso iyazamazama; uphumisela izwi lakhe, umhlaba uncibilike.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

6 Izizwe ziyaxokozela, imibuso iyazamazama; uphumisela izwi lakhe, umhlaba uncibilike.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 46:6
34 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba ngiyakuwuvikela lo muzi ukuba ngiwusindise ngenxa yami nangenxa kaDavide inceku yami.


Ngasemuva abantwana bakwaMowabi nabantwana bakwa-Amoni nabanye kanye nabo ngaphandle kwabantwana bakwa-Amoni benyuka bamelana noJehoshafati ukulwa.


(IsiHlabelelo seziHlabelelo.) Abamethembayo uJehova bayakuba njengentaba yaseSiyoni enganyakazi kepha imi phakade.


UJehova waduma ezulwini, oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe; isichotho namalahle.


Lowo ogibele izulu lamazulu, owayekhona endulo; bheka, uyalithuma izwi lakhe, futhi liyizwi elinamandla.


Umhlaba wazamazama, nezulu lawa phambi kukaNkulunkulu; iSinayi lathuthumela phambi kukaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli.


Izintaba zancibilika njengengcina phambi kweNkosi, phambi kweNkosi yomhlaba wonke.


Njengezinyoni ezindizayo, kanjalo uJehova Sebawoti uyakulivikela iJerusalema; futhi avikele yena uyokusindisa; futhi uzoyigcina.


Bheka iZiyoni, umuzi wemikhosi yethu; azikho izinduku zakhe eziyosuswa, nezintambo zakhe aziyikugqashulwa.


Ngakho-ke, profetha wonke lawa mazwi ngokumelene nabo futhi uthi kubo: INkosi iyobhonga iphezulu futhi iphakamise izwi layo isendaweni yayo yokuhlala engcwele; uyakubhonga kakhulu phezu kwendlu yakhe; njengalabo abanyathela amagilebhisi, uyophakamisa isililo ngokumelene nabo bonke abakhileyo emhlabeni.


Kungaba yizilinganiso eziyizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili, igama lomuzi kusukela ngalolo suku lithi: UJehova ukhona.


UJehova uyakuphakamisa izwi lakhe phambi kwebutho lakhe, ngokuba ikamu lakhe likhulu kakhulu, ngokuba unamandla owenza izwi lakhe; ngoba usuku lukaJehova lukhulu, luyesabeka kakhulu; ngubani ongakuthwala na?


Wathi: “UJehova uyakubhonga eseSiyoni, aphakamise izwi lakhe eJerusalema; amadlelo abelusi ayakulila, nesiqongo seKarmeli sibune.


“Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho umlimi eyakufica ovunayo nonyathela izithelo zomvini ohlwanyelayo; izintaba ziyoconsa iwayini elimnandi, namagquma onke ayakuncibilika.


UJehova Sebawoti nguye othinta izwe, lincibilike, bonke abakhileyo kulo balile; futhi liyakukhuphuka liphelele njengesikhukhula; njalo lizaminzwa njengomfula waseGibhithe.


Izintaba ziyoncibilika phansi kwakhe, nezigodi ziqhekezeke, njengengcina phambi komlilo, nanjengamanzi athululelwa endaweni eyehlelayo.


Izintaba ziyathuthumela ngenxa yakhe, namagquma ayancibilika, nomhlabathi uyasha phambi kobuso bakhe, yebo, umhlaba nabo bonke abahlala kuwo.


Ungabesabi, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe, uNkulunkulu onamandla nowesabekayo.


Kwathi sesizwile lezizinto, inhliziyo yethu yaphela amandla, akubangakho sibindi kumuntu ngenxa yenu; ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi.


Bathi kuJoshuwa: “Impela uJehova unikele lonke izwe esandleni sethu; ngokuba bonke abakhileyo ezweni bayabhubha ngenxa yethu.


Wayesethi emadodeni: “Ngiyazi ukuthi uJehova uninikile izwe, nokuthi ingebhe yenu isehlele, nokuthi bonke abakhileyo ezweni bafa ngenxa yenu.


Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekela ubuso bakhe nezulu; kabafunyanwanga indawo yabo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka