Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 9:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 UJehova uyakuba yisiphephelo kocindezelweyo, isiphephelo ngezikhathi zokuhlupheka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UJehova uyinqaba yocindezelweyo, uyinqaba ezikhathini zokuhlupheka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 USimakade uyinqaba kocindezelweyo, uyinqaba ngesikhathi sokuhlupheka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 9:9
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Khona imithi yehlathi izathokoza phambi kukaJehova, ngoba uyeza ukwahlulela umhlaba.


Siphe usizo osizini, ngokuba usizo lomuntu luyize.


Ngabheka ngakwesokunene sami, ngabona, kepha kwakungekho muntu ongangazi; akakho onakekela umphefumulo wami.


UJehova uyidwala lami nenqaba yami nomsindisi wami; uNkulunkulu wami, inqaba yami, engimethembayo; isihlangu sami nophondo lwensindiso yami nombhoshongo wami ophakeme.


Kumholi wokuhlabelela, ihubo likaDavide. UJehova uyakukuzwa ngosuku losizi; igama likaNkulunkulu kaJakobe malikuvikele;


Wena uyisiphephelo sami; Uzangivikela ekuhluphekeni; Uzongihaqa ngezihlabelelo zensindiso. Sela.


Kepha ukusindiswa kwabalungileyo kuvela kuJehova; Uyinqaba yabo ngesikhathi sokuhlupheka.


Kumholi wokuhlabelela wamadodana kaKora. Isihlabelelo se-Alamoti. UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu, ulusizo olutholakala kakhulu ekuhluphekeni.


UJehova Sebawoti unathi; uNkulunkulu kaJakobe uyisiphephelo sethu. Sela.


UNkulunkulu waziwa ezindlini zayo zobukhosi njengendawo yokuphephela.


Futhi ungibize ngosuku lwenhlupheko: ngizakusindisa, njalo uzangidumisa.


Themba kuye njalo; zizwe, nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe: uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela.


Izizwe mazikudumise, Nkulunkulu; bonke abantu mabakudumise.


Ububi bababi mabuphele; kodwa uqinise abalungileyo, ngokuba uNkulunkulu olungileyo uhlola izinhliziyo nezinso.


Yishoni phakathi kwezizwe ukuthi uJehova uyinkosi; Uzakwahlulela izizwe ngokulunga.


phambi kukaJehova; ngoba Uyeza ukwahlulela umhlaba; Uyakwahlulela izwe ngobulungisa, nezizwe ngobuqotho.


Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.


Umuntu uyakuba njengendawo yokukhosela emoyeni nesivikelo esivunguvungwini; njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.


Uyakuba yindlu engcwele; kodwa njengetshe lesikhubekiso nedwala lokuwisa kuzo zombili izindlu zakwa-Israyeli, abe lugibe nogibe kwabakhileyo eJerusalema.


UNkulunkulu unguJehova, uyinqaba elondekile ngosuku lwenhlupheko; futhi uyabazi abamethembayo.


Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunywe kuwe! Bengithanda kangakanani ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukhukazi sibuthela amazinyane aso ngaphansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga!


UNkulunkulu waphakade uyisiphephelo sakho, futhi ngaphansi kukhona izingalo zaphakade; futhi Uyoxosha isitha phambi kwenu; futhi uzothi: “Babhubhise.”


ukuze, ngezinto ezimbili ezingaphendukiyo, okungekwenzeki ukuthi uNkulunkulu aqambe amanga ngazo, sibe lenduduzo elamandla thina esibalekeleyo ukuze sibambe ithemba elibekwe phambi kwethu;


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka