U-Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga, wabophela imbongolo yakhe, wasuka, waya endlini yakhe emzini wakubo, wayala indlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise.
AmaHubo 9:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ukhuzile abezizwe, wababhubhisa ababi, igama labo walesula kuze kube phakade naphakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ujezisile abezizwe, wabhubhisa ababi; igama labo ulesulile kuze kube phakade naphakade. IsiZulu 2020 Uzijezisile izizwe, wachitha izikhohlakali, walishabalalisa igama lazo ingunaphakade. |
U-Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga, wabophela imbongolo yakhe, wasuka, waya endlini yakhe emzini wakubo, wayala indlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise.
Waxosha izizwe phambi kwabo, wabahlukanisela ifa ngomugqa, wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.
Bangasho ngani abezizwe ukuthi: “Uphi uNkulunkulu wabo na?” kakwaziwe phakathi kwezizwe phambi kwamehlo ethu ngokuphindisela kwegazi lezinceku zakho elachithwa.
Ngiyakubeka isihlalo sami sobukhosi e-Elamu, ngichithe khona inkosi nezikhulu,” usho uJehova.
Niyakunyathela ababi; ngokuba bayakuba njengaphansi kwamathe ezinyawo zenu mhla ngenza lokhu,” usho uJehova Sebawoti.
Mangime, ngibabhubhise, ngesule igama labo phansi kwezulu; ngiyakukwenza ube yisizwe esinamandla nesikhulu kunabo.
Emlonyeni wakhe kuphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye ngayo izizwe, azibusa ngentonga yensimbi, unyathela isikhamo sewayini solaka nolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke.
UDavida wasesithi kuAbigayili: Kayibusiswe iNKOSI, uNkulunkulu kaIsrayeli, okuthumileyo lamuhla ukungihlangabeza.
UDavide esezwile ukuthi uNabali ufile, wathi: “Makabusiswe uJehova owamela icala lami lokuhlanjalazwa esandleni sikaNabali, wayisindisa inceku yakhe ebubini; ngoba uJehova ulobubi bukaNabali ekhanda lakhe. UDavide wathumela wakhuluma ku-Abigayili ukuba amthathe abe ngumkakhe.
USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo; funa laba abangasokile bafike bangibhoboze bangithuke. Kodwa umthwali wezikhali zakhe wala; ngoba wayesaba kakhulu. Ngakho uSawule wathatha inkemba wawela phezu kwayo.