Ngokuba intukuthelo yakho ikhuphukele kimi, nokuxokozela kwakho ezindlebeni zami, ngiyakufaka ingwegwe yami ekhaleni lakho netomu lami emlonyeni wakho, ngikubuyisele endleleni oweza ngayo.
AmaHubo 83:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba bheka, izitha zakho ziyaxokozela, nabakuzondayo baphakamise amakhanda abo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba bheka, izitha zakho ziyaxokozela, nabakuzondayo baphakamisa ikhanda. IsiZulu 2020 Ngokuba bheka, izitha zakho ziyaxokozela, nabakuzondayo bayakuvukela. |
Ngokuba intukuthelo yakho ikhuphukele kimi, nokuxokozela kwakho ezindlebeni zami, ngiyakufaka ingwegwe yami ekhaleni lakho netomu lami emlonyeni wakho, ngikubuyisele endleleni oweza ngayo.
Izitha zakho zibhongile phakathi kwemihlangano yakho; bamisa izibonakaliso zabo zaba yizibonakaliso.
Abazondayo uJehova bebeyakuzithoba kuye, kepha isikhathi sabo siyakuma phakade.
Imifula iphakamisile, Jehova, imifula iphakamisile izwi layo; izikhukhula ziphakamisa amaza azo.
Maye ngobuningi bezizwe ezibanga umsindo njengokuhlokoma kolwandle; nangomsindo wezizwe ezibanga umsindo njengomsindo wamanzi anamandla!
Ngubani omthukile, wamhleba? Uphakamisele bani izwi lakho, uphakamisele amehlo akho phezulu, na? ngisho ngokumelene noNgcwele ka-Israyeli.
Ngokuba intukuthelo yakho ikhuphukele kimi, nokuxokozela kwakho ezindlebeni zami, ngiyakufaka ingwegwe yami ekhaleni lakho netomu lami ezindebeni zakho, ngikubuyisele endleleni oweza ngayo.
Futhi bayokulwa nawe; kepha aziyikukuhlula; ngoba mina nginawe, usho uJehova, ukuze ngikusindise.
Kwathi uPilatu ebona ukuthi kakusizi lutho, kodwa ukuthi isiyaluyalu sisuka kakhulu, wathatha amanzi, wageza izandla phambi kwexuku, wathi: Anginacala egazini lalumuntu olungileyo; ziboneleni lina.
Kepha abaJuda abangakholwanga, benomona, bazithathela amadoda athile axhwalekileyo abenza okubi, abutha iviyo, avusa isiyaluyalu umuzi wonke, ahlasela indlu kaJasoni, afuna ukubakhiphela ngaphandle abantu.
Umuzi wonke wanyakaza, abantu bagijima kanyekanye, bambamba uPawulu, bamdonsela ngaphandle kwethempeli, kwavalwa masinyane iminyango.
Basebemlalela kwaze kwaba kulelolizwi, basebephakamisa amazwi abo besithi: Msuseni onjalo emhlabeni, ngoba kakufanelanga ukuthi aphile.
Kwathi sekuqubuka ukuphikisana okukhulu, induna yenkulungwane yesaba ukuthi uPawuli ungahle adwetshulwe yibo, yalaya amabutho ukuthi ehle, amthathe phakathi kwabo, amngenise enqabeni.
Kanjalo amaMidiyani athotshiswa phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, kangangokuthi abazange baphinde baphakamise amakhanda abo. Izwe lathula iminyaka engamashumi amane emihleni kaGideyoni.