Isidumbu sika-Izebeli siyakuba njengomquba endle endaweni yaseJizreyeli; ukuze bangasho ukuthi: “Lo ngu-Izebeli.”
AmaHubo 83:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 ababhubha e-Endori baba njengomquba emhlabathini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ababhubhela e-Eni Dori, baba ngumquba womhlabathi. IsiZulu 2020 ababhubhela e-Eni Dori, baba ngumquba emhlabathini. |
Isidumbu sika-Izebeli siyakuba njengomquba endle endaweni yaseJizreyeli; ukuze bangasho ukuthi: “Lo ngu-Izebeli.”
Bazakufa kabuhlungu; abayikukhalelwa; futhi kabayikungcwatshwa; kodwa bayoba njengomquba emhlabeni, futhi bayoqedwa ngenkemba nangendlala; futhi izidumbu zabo ziyoba ukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasendle zomhlaba.
Bayowendlala phambi kwelanga nenyanga naphambi kwebandla lonke lasezulwini ababelithanda nababelikhonza, ababelilandela, ababelifuna, bekhuleka; abayikubuthwa, bangangcwatshwa; bazakuba semhlabeni ukuze babe ngumquba.
Ngiyakwehlisela abantu usizi ukuba bahambe njengezimpumputhe, ngokuba bonile kuJehova; igazi labo liyakuchithwa njengothuli, nenyama yabo njengomquba.
Kwa-Isakare nakwa-Asheri uManase waba neBeti Sheyani namadlelo alo, ne-Ibileyamu namadlelo alo, nabakhileyo eDori namadlelo alo, nabakhileyo e-Endori namadlelo alo, nabakhileyo eThahanaki namadlelo alo. Nabakhileyo eMegido nemizana yayo, amazwe amathathu.
UJehova wamsanganisa uSisera nazo zonke izinqola zakhe nempi yakhe yonke ngobukhali benkemba phambi kukaBaraki; uSisera wehla enqoleni yakhe, wabaleka ngezinyawo.
Kepha uBaraki waxosha izinqola nempi kwaze kwaba seHarosheti labezizwe, yonke impi kaSisera yawa ngosiko lwenkemba; akwasala muntu.
Umfula iKishoni wabakhukhula, umfula omdala, umfula iKishoni. Awu mphefumulo wami, uwanyathele amandla.
Athumba izikhulu ezimbili zakwaMidiyani, o-Orebi noZebi; bambulala u-Orebi edwaleni lika-Orebi, uZebi wababulala esikhamweni sewayini sikaZebi, wabaxosha abakwaMidiyani, baletha ikhanda lika-Orebi nelikaZebi kuGideyoni phesheya kweJordani.
USawule wayesethi ezincekwini zakhe: “Ngitholeleni owesifazane onomoya wabafileyo, ngiye kuye, ngibuze kuye. Izinceku zakhe zathi kuye: “Bheka, kukhona owesifazane onomoya e-Endori;