Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nomniki-mthetho phakathi kwezinyawo zakhe aze afike uShilo; futhi kuyakuba kuye ukubuthwa kwabantu.
AmaHubo 60:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngowami iGileyadi, ungowami uManase; U-Efrayimi ungamandla ekhanda lami; UJuda ungumenzi womthetho wami; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngowami uGileyadi, ngowami uManase; u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa. IsiZulu 2020 UGileyadi noManase bangabami, u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa. |
Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nomniki-mthetho phakathi kwezinyawo zakhe aze afike uShilo; futhi kuyakuba kuye ukubuthwa kwabantu.
Abanye bakwaManase bawela kuDavide ekufikeni kwakhe namaFilisti ukulwa noSawule; kodwa abazange babasize; ngokuba izikhulu zamaFilisti zameluleka ngokuthi: “Uyakuyibeka engozini uSawule inkosi yakhe.” zamakhanda ethu.
Ngaphesheya kweJordani kwabakwaRubeni nabakwaGadi nasenxenyeni yesizwe sakwaManase benezikhali zonke zokulwa, izinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili.
UNkulunkulu wakhuluma ebungcweleni bakhe; Ngiyakuthokoza, ngilihlukanise iShekemi, ngilinganise isigodi saseSukoti.
Udumo lwakhe lunjengezibulo lenkunzi yakhe, nezimpondo zakhe zinjengezimpondo zenyathi; ngalokho Uyodudula abantu ndawonye kuze kube semikhawulweni yomhlaba; futhi bayizinkulungwane eziyishumi zakwa-Efrayimi, futhi bayizinkulungwane zakwaManase.
Inxenye yakwaGileyadi, ne-Ashitaroti, ne-Edireyi, imizi yombuso ka-Ogi eBashani, yayingelabantwana bakwaMagiri indodana kaManase, inxenye yabantwana bakwaMagiri ngemindeni yabo.
Kwakukhona abaningi abesizwe sakwaManase; ngoba wayelizibulo likaJosefa; okungukuthi, uMagiri, izibulo likaManase, uyise kaGileyadi; ngokuba wayeyindoda yempi, ngalokho waba nelakwaGileyadi neBashani.
UDavida wasesithi kuAgisi: Uzakwazi lokukwazi ukuthi inceku yakho izakwenzani. Wayesethi u-Agi kuDavide: “Ngalokho ngiyakukubeka ube ngumlindi phezu kwekhanda lami kuze kube phakade.