Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 60:7 - IsiZulu 2020

7 UGileyadi noManase bangabami, u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngowami uGileyadi, ngowami uManase; u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngowami iGileyadi, ungowami uManase; U-Efrayimi ungamandla ekhanda lami; UJuda ungumenzi womthetho wami;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 60:7
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Intonga yobukhosi ngeke isuke kuJuda, nodondolo lombuso ngeke lugudluzwe phakathi kwezinyawo zakhe, kuze kufike lowo ubukhosi obungobakhe; nezizwe ziyakumlalela.


Kwafika ingxenye yabakwaManase kuDavide, ngesikhathi izolekelela amaFilisti ukulwa noSawule, kodwa abawalekelelanga ngokuba abaholi bamaFilisti babonisana, bamkhomba indlela bethi: “Lo uyakuhlubukela enkosini yakhe uSawule, adayise ngathi, asibulale.”


Ngaphesheya kweJordani, kwabakwaRubeni nabakwaGadi nengxenye yesizwana sakwaManase, babeyizi-120 000 ababehlome ngezikhali zonke zokulwa empini.


UNkulunkulu ukhulumile ebungcweleni bakhe, wathi: “Ngiyakwethaba, ngiyakulidabula iShekhemi, ngisilinganise isigodi iSukhothi.


Izibulo lenkunzi yakhe, udumo lwakhe, nezimpondo zenyathi ziyizimpondo zakhe; ngazo uyakuqhubukusha izizwe zonke ekugcineni komhlaba; zinjalo izigidi zakwa-Efrayimi, zinjalo izinkulungwane zakwaManase.’


nengxenye kwaGileyadi, i-Ashitharothi, ne-Edireyi, imizi yasembusweni ka-Ogi eBhashani; yonke leyo yabelwa abozalo lukaMakhiri, indodana kaManase ngokwemindeni yabo, ingxenye yabozalo lukaMakhiri.


Isizwana sakwaManase sabelwa naso, ngokuba wayeyizibulo likaJosefa. UMakhiri izibulo likaManase, uyise kaGileyadi wanikwa iGileyadi neBhashani, ngokuba wayeyiqhawe.


UDavide wathi ku-Akhishi: “Kunjalo, yikhona uyokwazi ukuthi inceku yakho iyakwenzani.” U-Akhishi wathi kuDavide: “Ngakho-ke ngizokubeka ube ngumqaphi njalo.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka