AmaHubo 6:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Sukani kimi nina nonke benzi bokubi! ngokuba uJehova wezwa izwi lokukhala kwami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Dedani kimi nina nonke enenza okubi, ngokuba uJehova ulizwile izwi lokukhala kwami; IsiZulu 2020 Sukani kimi nina nonke enenza okubi, ngokuba uSimakade ulizwile izwi lokukhala kwami. |
Ngokuba uwukhululile umphefumulo wami ekufeni, amehlo ami ezinyembezini, nezinyawo zami ekuweni.
Ngokuba ukuphila kwami kunosizi neminyaka yami ngokububula; amandla ami aphelile ngobubi bami, namathambo ami aphelile.
Ukuzulazula kwami uyakubona, uthi: Thela izinyembezi zami embizeni yakho; ayikho encwadini yakho?
Ngokuba izizwe ziyakuhlala eSiyoni eJerusalema; ungabe usakhala; uma ekuzwa, uyakuphendula.
wathi: “Khumbula, Jehova, ukuthi ngihambe kanjani phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenza okuhle emehlweni akho. UHezekiya wakhala kamunyu.
Hamba uthi kuHezekiya: Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu.
Walizwa izwi lami; ungafihli indlebe yakho ekuphefumuleni kwami, ekukhaleni kwami.
Khona iyakuthi nakwabangakwesokhohlo: Sukani kimi nina baqalekisiweyo, niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe;
Khona ngiyakufakaza kubo ukuthi: Angizange nginazi; sukani kimi nina benzi bokubi.
Kodwa uzakuthi: Ngithi kini: Kangilazi lapho elivela khona; sukani kimi nina nonke benzi bokubi.
Owathi emihleni yenyama yakhe, lapho enikele imikhuleko nokunxusa ngokukhala okunamandla nezinyembezi kuye onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngokwesaba kwakhe;