Malijabule izulu, umhlaba uthokoze, nabantu phakathi kwezizwe mabathi: UJehova uyinkosi.
AmaHubo 47:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 UNkulunkulu ubusa phezu kwabezizwe, uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe esingcwele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UNkulunkulu uyabusa izizwe; uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe esingcwele sobukhosi. IsiZulu 2020 UNkulunkulu ubusa izizwe, uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe sobukhosi esingcwele. |
Malijabule izulu, umhlaba uthokoze, nabantu phakathi kwezizwe mabathi: UJehova uyinkosi.
Uyakwahlulela phakathi kwezizwe, agcwalise izindawo ngezidumbu; uyakulimaza amakhanda amazwe amaningi.
IsiHlabelelo neHubo lamadodana kaKora. Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu emzini kaNkulunkulu wethu, entabeni yakhe engcwele.
Ukulunga nokulunga kuyindawo yokuhlala yesihlalo sakho sobukhosi; umusa nokuthembeka kuyakuhamba phambi kwakho.
Ngokuba ulimisile ilungelo lami nendaba yami; uhlezi esihlalweni sobukhosi wahlulele ngokufaneleyo.
UJehova uyinkosi, wembethe ubukhosi; uJehova wembethe amandla, azibhincile; nezwe lilungisiwe, ukuze linganyakaziswa.
Yishoni phakathi kwezizwe ukuthi uJehova uyinkosi; Uzakwahlulela izizwe ngokulunga.
UJehova uyinkosi; bathuthumele abantu! Uhlezi phakathi kwamakherubi; umhlaba mawunyakaze.
UJehova uyakuba yinkosi phezu komhlaba wonke: ngalolo suku kuyakuba munye uJehova, negama lakhe libe linye.
Kepha makaqalekiswe umkhohlisi oneduna emhlambini wakhe, enze isithembiso, anikele ngokonakala kuJehova; ngokuba mina ngiyinkosi enkulu,” usho uJehova Sebawoti, negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe.
Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa, ukuze samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.
Ngezwa kungathi izwi lesixuku esikhulu, kungathi izwi lamanzi amaningi, nanjengezwi lokuduma okukhulu, lithi: “Haleluya!
Ngase ngibona isihlalo sobukhosi esikhulu esimhlophe nohlezi kuso, obuso bakhe babalekela ubuso bakhe nezulu; kabafunyanwanga indawo yabo.