Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AmaHubo 47:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ababusi babantu baqoqiwe, yebo, abantu bakaNkulunkulu ka-Abrahama, ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu; uphakeme kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Izikhulu zabantu zibuthene, zibe yisizwe sikaNkulunkulu ka-Abrahama, ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu; uphakeme kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

9 Izikhulu zabantu zibuthene, zibe yisizwe sikaNkulunkulu ka-Abhrahama, ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu, uphakeme kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AmaHubo 47:9
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nomniki-mthetho phakathi kwezinyawo zakhe aze afike uShilo; futhi kuyakuba kuye ukubuthwa kwabantu.


Thula, nazi ukuthi mina nginguNkulunkulu; ngiyathanda ukuphakama phakathi kwabezizwe, ngiphakanyiswe emhlabeni.


Yebo, onke amakhosi ayakuwa phambi kwakhe; zonke izizwe ziyakumkhonza.


Ngokuba uJehova uyisiphephelo sethu; futhi oNgcwele ka-Israyeli uyinkosi yethu.


Ngokuba wena Jehova uphakeme phezu komhlaba wonke, uphakeme phezu kwabo bonke onkulunkulu.


Futhi uNkulunkulu wathi kuMose: “Uzakusho kanje kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘UJehova uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe, ungithumile kini: igama lami. Kuze kube phakade, lesi yisikhumbuzo sami ezizukulwaneni ngezizukulwane.


Futhi wathi: NginguNkulunkulu kayihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe. UMose wafihla ubuso bakhe; ngoba wayesaba ukubuka uNkulunkulu.


Wonke amazwi kaNkulunkulu ahlanzekile: Uyisihlangu kulabo abathembela kuye.


Kuyakuthi ngalolo suku impande kaJese ime njengebhanela labantu; emva kwalokho abezizwe bayakufuna, nokuphumula kwakhe kuyakuba yinkazimulo.


Amakhosi ayakuba ngoyise, nezindlovukazi zabo zibe ngonyoko; bayakukhothama phambi kwakho ubuso babo bubheke phansi, bakhothe uthuli ezinyaweni zakho; futhi niyokwazi ukuthi nginguJehova, ngoba abalindele kimi ngeke babe namahloni.


Usho kanje uJehova, uMhlengi ka-Israyeli, noNgcwele wakhe, kuye odelela umuntu, kuye isizwe esimenyanyayo, encekwini yezikhulu: Amakhosi ayakubona lokhu, asukume, nezikhulu zikhuleke ngenxa yalokho. KaJehova othembekileyo noNgcwele ka-Israyeli, uyakunikhetha.


Mina nginguNkulunkulu kaAbrahama, loNkulunkulu kaIsaka, loNkulunkulu kaJakobe? UNkulunkulu kasiye uNkulunkulu wabafileyo kodwa owabaphilayo.


Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningayazi le mfihlakalo, funa nizishaye abahlakaniphileyo; ukuthi ukuphuphutheka kwehlele uIsrayeli ngokwengxenye, kuze kungene ukugcwala kwabezizwe.


Uma ningabakaKristu, niyinzalo ka-Abrahama, niyizindlalifa ngokwesithembiso.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka