Ngakhothamisa ikhanda lami, ngakhuleka kuJehova, ngamdumisa uJehova, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, ongihole endleleni eqondileyo ukuba ngithathele indodana yayo indodakazi yomfowabo wenkosi yami.
AmaHubo 32:8 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngizakufundisa ngikufundise indlela okumele uhambe ngayo: ngizakuqondisa ngeso lami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo; ngizakukululeka ngeso lami. IsiZulu 2020 Ngizokubonisa, futhi ngikufundise indlela ozohamba ngayo; ngizobeka iso lami kuwe, ngikweluleke. |
Ngakhothamisa ikhanda lami, ngakhuleka kuJehova, ngamdumisa uJehova, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, ongihole endleleni eqondileyo ukuba ngithathele indodana yayo indodakazi yomfowabo wenkosi yami.
Yizwa usezulwini, uthethelele isono sezinceku zakho nesabantu bakho u-Israyeli ukuba ubafundise indlela enhle abamelwe ukuhamba ngayo, unise imvula ezweni lakho owalinika abantu bakho njengefa.
Ake ngizwe umusa wakho ekuseni; ngoba ngithemba wena; ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo; ngoba ngiphakamisela umphefumulo wami kuwe.
Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami; kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami.
Usho kanje uJehova, uMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli; NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisa okuhle, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.
Abayikulamba, noma bome; futhi ukushisa nelanga ngeke kubashaye; ngokuba lowo onomusa kubo uyakubahola, abahole ngasemithonjeni yamanzi.
Noma ifu lalihlala phezu kwetabernakele izinsuku ezimbili, noma inyanga, noma unyaka, abantwana bakwa-Israyeli bahlala ematendeni abo, abasukanga; kodwa kwathi selinyuswa basuka.
Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi; ngokuba ngimnene, ngithobekile ngenhliziyo; niyakufumana ukuphumula emiphefumulweni yenu.