AmaHubo 27:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Yizwa, Jehova, lapho ngikhala ngezwi lami; yiba nomusa kimi futhi, ungiphendule. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Yizwa, Jehova, ngikhala ngezwi elikhulu; yiba nomusa kimi, ungiphendule. IsiZulu 2020 Ngizwe Simakade, lapho ngikunxusa, ube nomusa kimi, ungiphendule. |
Bheka, ungilalele, Jehova Nkulunkulu wami; khanyisa amehlo ami, ukuze ngingalali ubuthongo bokufa;
Waphendula ukulila kwami kwaba ngukusina; Wangihlubula indwangu yamasaka, wangibhincisa intokozo;
Ngokuba ukuphila kwami kunosizi neminyaka yami ngokububula; amandla ami aphelile ngobubi bami, namathambo ami aphelile.
Kumholi wokuhlabelela ngeNeginoti. Ihubo likaDavide. Ngiphendule lapho ngikhala, Nkulunkulu wokulunga kwami. Ngihawukele, uzwe umkhuleko wami.
Lalela izwi lokukhala kwami, Nkosi yami, Nkulunkulu wami, ngokuba ngiyakukhuleka kuwe.