AmaHubo 16:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uzangitshengisa indlela yokuphila; phambi kobuso Bakho kugcwele intokozo; ngakwesokunene sakho kukhona okuthokozisayo kuze kube phakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyakungazisa indlela yokuphila; ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho; intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade. IsiZulu 2020 Uyakungazisa indlela yokuphila; phambi kwakho kunenjabulo epheleleyo; intokozo yaphakade, ingakwesokunene sakho. |
Mina-ke, ngizabubona ubuso bakho ekulungeni; Ngiyokwaneliswa ekuvukeni kwami, ngomfanekiso wakho.
Ngiyakucambalala ngokuthula, ngilale ubuthongo, ngokuba wena Jehova wedwa ungivumela ukuba ngihlale ngokulondeka.
Hlabelelani inkazimulo kaNkulunkulu, nihubele inkazimulo yegama lakhe; mdumiseni ogibele izulu ngegama lakhe elithi JEHOVA, nithokoze phambi kobuso bakhe.
Kodwa indlela yabalungileyo injengokukhanya okukhazimulayo okuqhubeka kukhanya njalo kuze kube semini enkulu.
Futhi abantu abaningi bayohamba bathi: Wozani sikhuphukele entabeni yeNkosi, endlini kaNkulunkulu kaJakobe; futhi uyosifundisa izindlela zakhe, futhi sizohamba emikhondweni yakhe; ngoba eSiyoni kuyakuphuma umthetho nezwi likaJehova eJerusalema.
Laba bayakumuka ekujezisweni okuphakade, kepha abalungileyo baye ekuphileni okuphakade.
Ngokuba isango lincane, nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni, bambalwa abayitholayo.
Khona emva kokuba iNkosi isikhulumile kubo, yenyuselwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu.
Wathi: “Bheka, ngibona amazulu evulekile, neNdodana yomuntu imi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.
Kepha uma uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngoMoya wakhe ohlala kini.
Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi; kepha ngaleso sikhathi ubuso nobuso; manje ngazi inxenye; kodwa ngalesosikhathi ngizakwazi njengoba lami ngaziwa.
Ngokuba usizi lwethu olulula, olungokomzuzwana, luyasisebenzela isisindo esiyinkazimulo emiyo yonke kakhulukazi;
Nokwazi uthando lukaKristu oludlula ukwazi, ukuze nigcwaliswe ngakho konke ukugcwala kukaNkulunkulu.
enikholwa ngaye kuNkulunkulu owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo; ukuze ukholo lwenu nethemba libe kuNkulunkulu.
Owenyukela ezulwini, ongakwesokunene sikaNkulunkulu; izingelosi, namandla, namandla, kuthotshiswe phansi kwakhe.
Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kepha akukabonakali esiyakuba yikho; ngoba sizambona njengoba enjalo.
Kuye olamandla okulilinda ekukhubekeni, lokulimisa phambi kwenkazimulo yakhe lingelasici ngentokozo enkulu;
Ubusuku abuyikuba khona lapho; futhi abadingi isibani, nokukhanya kwelanga; ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakukhanyisela, futhi bayobusa kuze kube phakade naphakade.