Uzangitshengisa indlela yokuphila; phambi kobuso Bakho kugcwele intokozo; ngakwesokunene sakho kukhona okuthokozisayo kuze kube phakade.
AmaHubo 133:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Njengamazolo aseHermoni nanjengamazolo ehlela ezintabeni zaseSiyoni, ngokuba lapho uJehova wayala khona isibusiso, ukuphila kuze kube phakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kufana namazolo aseHermoni ehlela ezintabeni zaseSiyoni. Ngokuba uJehova wayaleza khona isibusiso, yebo, ukuphila kuze kube phakade. IsiZulu 2020 Kufana namazolo eHermoni ehlela ezintabeni iZiyoni. Ngokuba uSimakade wayaleza khona isibusiso, ukuphila kuze kube phakade. |
Uzangitshengisa indlela yokuphila; phambi kobuso Bakho kugcwele intokozo; ngakwesokunene sakho kukhona okuthokozisayo kuze kube phakade.
Kepha uJehova uyakuyala umusa wakhe emini, nasebusuku ingoma yakhe ibe nami, nomkhuleko wami kuNkulunkulu wokuphila kwami.
Intukuthelo yenkosi injengokubhonga kwengonyama; kepha ukuthokoza kwakhe kunjengamazolo otshanini.
Njalo ngizabusisa insimu yenu ngomnyaka wesithupha, njalo izathela iminyaka emithathu.
Insali kaJakobe iyakuba phakathi kwezizwe eziningi njengamazolo avela kuJehova, njengezihlambi etshanini, engalinde muntu, engalindeli abantwana babantu.
Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade.
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade, akayi ekwahlulelweni; kodwa wedlulile ekufeni wangena ekuphileni.
Futhi lizaphuma; abenze okuhle baphumele ekuvukeni kokuphila; lalabo abenze okubi, ekuvukeni kokulahlwa.
USimoni Petru wamphendula wathi: “Nkosi, siyakuya kubani na? amazwi okuphila okuphakade nguwe.
ukuze njengalokho isono sabusa kube ngukufa, ngokunjalo nomusa ubuse ngokulunga kube ukuphila okuphakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.
Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa; kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.
UJehova uyakukubusisa engcebweni yakho nakukho konke obeka kukho isandla sakho; uyakukubusisa ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.
kusukela e-Aroweri ephezu komfula i-Arinoni, kuze kufike entabeni yaseSiyoni eyiHermoni,
nelakwaGileyadi, nomkhawulo wamaGeshuri, namaMahagati, nayo yonke intaba yaseHermoni, neBashani yonke, kwaze kwaba seSaleka;
Yilobu ubufakazi ukuthi uNkulunkulu usiphile ukuphila okuphakade, nalokhu kuphila kuseNdodaneni yakhe.
Mina ngingophilayo, futhi ngangifile; futhi bheka, ngiyaphila kuze kube phakade, Amen; futhi nginezihluthulelo zesihogo nezokufa.