Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba, unjalo umusa wakhe kwabamesabayo.
AmaHubo 103:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uhawukela abamesabayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo. IsiZulu 2020 Njengalokhu uyise ebahawukela abantwana bakhe, kanjalo noSimakade uyabahawukela abamesabayo. |
Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba, unjalo umusa wakhe kwabamesabayo.
Kepha umusa kaJehova ukhona kwabamesabayo kusukela phakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana;
U-Efrayimi uyindodana yami ethandekayo na? ungumntwana othandekayo? ngokuba selokhu ngakhuluma kabi ngaye, ngisacabanga ngaye; ngakho-ke izibilini zami ziyakhathazeka ngaye; Impela ngiyakuba nomusa kuye, kusho uJehova.
Bayofika bekhala, futhi ngiyobahola ngokunxusa; Ngiyakubahambisa emifuleni yamanzi endleleni eqondileyo, abangayikukhubeka kuyo; ngoba nginguyise ka-Israyeli, futhi u-Efrayimi uyizibulo lami.
Kepha nokho, uma besezweni lezitha zabo, angiyikubalahla, angiyikunengwa ngabo, ngokubashaya ngesiqalekiso, ngaphule isivumelwano sami nabo; ngoba nginguJehova uNkulunkulu wabo.
Kepha kinina enesaba igama lami, ilanga lokulunga liyakuphuma linokuphilisa phansi kwamaphiko alo; niyophuma nikhule njengamankonyane esibayeni.
Ngabe ngibamukele bonke laba bantu? Ngabe ngabazala, ukuze uthi kimi: Bathwale esifubeni sakho, njengomondli ethwala umntwana, ubayise ezweni owalithembisa oyise ngesifungo na?
Ngokuba konke lokho abezizwe bayakufuna; ngokuba uYihlo osezulwini uyazi ukuthi niyakudinga lokho konke.
UJesu wathi kuye: “Ungangithinti; ngoba kangikenyukeli kuBaba; kodwa hamba uye kubafowethu, uthi kubo: Ngenyukela kuBaba loYihlo; nakuNkulunkulu wami, noNkulunkulu wenu.
Madoda, bazalwane, bantwana bozalo lukaAbrahama, labo phakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, ilizwi lale nsindiso lithunyelwe kini.
Yonke le mizi ibizungezwe ngezingange eziphakeme, namasango, nemigoqo; eduze kwamadolobha angenazindonga amaningi.