Indlu yayigcwele abesilisa nabesifazane; zonke izikhulu zamaFilisti zazilapho; ophahleni kwakukhona amadoda nabesifazane kungathi izinkulungwane ezintathu, bebukela uSamsoni edlala.
AbAhluleli 9:51 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kodwa kwakukhona umbhoshongo oqinile phakathi komuzi, futhi babalekela lapho bonke abesilisa nabesifazane kanye nawo wonke umuzi, bawuvalela bona, bakhuphukela esiqongweni sombhoshongo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha phakathi komuzi wawukhona umbhoshongo oqinileyo; babalekela khona bonke abesilisa nabesifazane, nabo bonke abomuzi, bazivalela phakathi, benyukela ophahleni lombhoshongo. IsiZulu 2020 Kodwa kwakukhona umbhoshongo oqinile phakathi emzini, bonke abesilisa nabesifazane nazo zonke izakhamuzi zomuzi babalekela kuwo, bazivalela phakathi, base bekhuphukela ophahleni lombhoshongo. |
Indlu yayigcwele abesilisa nabesifazane; zonke izikhulu zamaFilisti zazilapho; ophahleni kwakukhona amadoda nabesifazane kungathi izinkulungwane ezintathu, bebukela uSamsoni edlala.
U-Abimeleki wafika embhoshongweni walwa nawo, wasondela emnyango wombhoshongo ukuze awushise ngomlilo.