Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




AbAhluleli 7:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

UJerubali, onguGideyoni, namadoda onke ayenaye, bavuka ekuseni, bamisa ngasemthonjeni waseHarodi; impi yamaMidiyani yayisenyakatho yabo ngasegqumeni laseMore esigodini.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

UJerubali* onguGideyoni nabantu bonke ababenaye bavuka ekuseni, bamisa ngasemthonjeni waseHarodi; ikamu* lakwaMidiyani lalingasenyakatho kwabo ngasegqumeni laseMore esigodini.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

UJerubhali okunguGideyoni, nawo wonke amabutho ayehamba naye, bavuka ekuseni bayokanisa ngasemthonjeni kaHarodi. Inkambu yabakwaMidiyani yayingasenyakatho kwabo, phansi kwegquma iMore, esigodini.

Uka jalj uñjjattʼäta



AbAhluleli 7:1
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abrama wadabula izwe waze wafika endaweni yaseShekemi nase-okini laseMore. AmaKhanani ayekhona ezweni.


U-Abrahama wavuka ekuseni kakhulu, wabophela imbongolo yakhe, wathatha ezimbili zezinsizwa zakhe no-Isaka indodana yakhe kanye naye, wacanda izinkuni zomnikelo wokushiswa, wasuka waya endaweni uNkulunkulu ayemtshele ngayo.


noSama umHarodi, no-Elika umHarodi,


Yenza kubo njengakwaMidiyani; ngoSisera, noJabini, ngasemfudlaneni iKishoni;


Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho; ngoba akukho msebenzi, nacebo, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.


Azikho yini ngaphesheya kweJordani endleleni eya ekushoneni kwelanga ezweni lamaKhanani akhileyo ekamu malungana neGiligali ngasemathafeni aseMore na?


UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu; basuka eShithimi, bafika eJordani, yena nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli, balala khona ngaphambi kokuba bawele.


UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, abapristi bawuthwala umphongolo kaJehova.


Ngalokho wambiza ngokuthi uJerubali ngalolo suku, wathi: “UBali makamelane naye, ngokuba badilizile i-altare lakhe.”


Bonke abakwaMidiyani nama-Amaleki nabantwana basempumalanga babuthana, bawela, bamisa esigodini saseJizreyeli.


Wenze njalo uNkulunkulu ngalobo busuku, ngokuba kwakoma eboyeni bodwa, kwakukhona amazolo emhlabathini wonke.


UJerubali, indodana kaJowashi, wahamba wahlala endlini yakhe.


UJehova wathuma oJerubali noBedani noJefta noSamuweli wanikhulula esandleni sezitha zenu nxazonke, nahlala ngokulondeka.


AmaFilisti abutha zonke izimpi zawo e-Afeki; abantwana bakwa-Israyeli bamisa ngasemthonjeni oseJizreyeli.