Ingelosi kaJehova yamfumana ngasemthonjeni wamanzi ehlane ngasemthonjeni osendleleni eya eSuri.
AbAhluleli 6:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwafika ingelosi kaJehova, yahlala phansi kwesihlahla somtholo esasise-Ofira, esingesikaJowashi umAbiyeze; uGideyoni indodana yakhe wayebhula ukolweni esikhamweni sewayini ukuze amfihle kumaMidiyani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwafika ingelosi kaJehova, yahlala phansi kwe-oki* lase-Ofira likaJowashi umAbiyezeri; indodana yakhe uGideyoni yayibhula ukolweni esikhamweni sewayini ukuba amthukusele abakwaMidiyani. IsiZulu 2020 Ingelosi kaSimakade yafika e-Ofira yahlala phansi komu-okhi, owawungokaJowashi umAbhiyezeri, ngesikhathi indodana yakhe, uGideyoni, ibhula ukolo esikhamweni sewayini, ukuze iwufihlele abakwaMidiyani. |
Ingelosi kaJehova yamfumana ngasemthonjeni wamanzi ehlane ngasemthonjeni osendleleni eya eSuri.
Ingelosi eyangikhulula ebubini bonke ibusisa abafana; igama lami malibizwe phezu kwabo negama lawobaba o-Abrahama no-Isaka; futhi mabakhule babe yisixuku phakathi komhlaba.
Wasuka lapho, wafumana u-Elisa, indodana kaShafati, elima ngezinkabi eziyishumi nambili phambi kwakhe, yena ekweshumi nambili; u-Eliya wadlula kuye, waphonsa ingubo yakhe phezu kwakhe.
Kukho konke ukuhlupheka kwabo wacindezelwa, ingilosi yobuso bakhe yabakhulula; othandweni lwakhe nangobubele bakhe wabahlenga; wazithwala, wazithwala zonke izinsuku zasendulo.
Lawa angamadodana kaGileyadi: kwaJeseri: ngumndeni wakwaJeseri; kwaHeleki: ngumndeni wakwaHeleki;
Ngisezakuthini futhi? ngoba isikhathi singaphela ngilandisa ngoGidiyoni, loBharaki, loSamsoni, loJefitha; ekaDavide, noSamuweli, neyabaprofethi;
Kwakukhona nabanye abantwana bakwaManase abaningi ngemindeni yabo; kubantwana bakwa-Abiyezeri, nakubantwana bakwaHeleki, nakubantwana bakwa-Asiriyeli, nakubantwana bakwaShekemi, nakubantwana bakwaHeferi, nakubantwana bakwaSemida; labo babe ngamadodana kaManase indodana kaJosefa ngemindeni yabo.
Ingelosi kaJehova yabonakala kowesifazane, yathi kuye: “Bheka, uyinyumba, awuzali, kepha uyakukhulelwa, uzale indodana.
Owesifazane wayesefika, watshela indoda yakhe, wathi: “Kufike kimi umuntu kaNkulunkulu, ubuso bakhe bunjengobuso bengelosi kaNkulunkulu, besabeka kakhulu; kepha angimbuzanga ukuthi uvelaphi, akangitshelanga negama lakhe.
Qalekisani iMerosi, isho ingelosi kaJehova, qalekisani abakhileyo kulo kamunyu; ngoba abazange bamsize uJehova, uJehova weza ukusiza ngokumelene namaqhawe.
Wathi kubo: “Ngenzeni manje uma kuqhathaniswa nani na?” Ulibo lwezithelo zomvini zakwa-Efrayimi alungcono yini kunokuvuna umvini wase-Abiyezeri na?
Waya endlini kayise e-Ofira, wabulala abafowabo, amadodana kaJerubali, amadoda angamashumi ayisithupha neshumi etsheni linye; kepha uJothamu, indodana encinyane kaJerubali, wasala; ngoba wacatsha.