Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




AbAhluleli 13:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ingelosi kaJehova yabonakala kowesifazane, yathi kuye: “Bheka, uyinyumba, awuzali, kepha uyakukhulelwa, uzale indodana.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ingelosi kaJehova yabonakala kowesifazane, yathi kuye: “Bheka-ke, uyinyumba, awuzali, kepha uyakukhulelwa, uzale indodana.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

3 Ingelosi kaSimakade yabonakala kowesifazane, yathi kuye: “Nanxa uyinyumba, ungakaze uzale bantwana, uzakukhulelwa, uzale indodana.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




AbAhluleli 13:3
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngizambusisa njalo ngikunike indodana evela kuye; yebo, ngiyakumbusisa, abe ngunina wezizwe; amakhosi ezizwe ayophuma kuyo.


Wathi: “Impela ngiyakubuyela kuwe ngesikhathi sokuphila; bheka, umkakho uSara uzakuba nendodana. USara wezwa ngasemnyango wetende elingasemva kwakhe.


Kukhona okunzima yini eNkosini? Ngesikhathi esimisiwe ngizabuyela kuwe, ngesikhathi sokuphila, njalo uSara uzakuba lendodana.


Wathi: “Ngalesi sikhathi, ngokwesikhathi sokuphila, uyobe ugone umfana. Wathi: “Qha, nkosi yami, muntu kaNkulunkulu, ungaqambi amanga encekwini yakho;


Kwabonakala kuye ingelosi yeNkosi imi ngakwesokunene se-altare lempepho.


Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakariya, ngokuba ukukhuleka kwakho kuzwakele; umkakho u-Elisabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama lokuthi uJohane.


Owesifazane washesha wagijima, wabikela umyeni wakhe, wathi kuye: “Bheka, ubonakale kimi lowo muntu obeze kimi ngolunye usuku.”


UManowa wayesethi engelosini kaJehova: “Asikubambe, size sikulungisele izinyane lembuzi.”


Owesifazane wayesefika, watshela indoda yakhe, wathi: “Kufike kimi umuntu kaNkulunkulu, ubuso bakhe bunjengobuso bengelosi kaNkulunkulu, besabeka kakhulu; kepha angimbuzanga ukuthi uvelaphi, akangitshelanga negama lakhe.


UManowa wamncenga uJehova, wathi: “Nkosi, ake umuntu kaNkulunkulu omthumileyo abuyele kithi, asifundise okufanele sikwenze kumntwana oza kuzalwa.


Ingelosi kaJehova yenyuka isuka eGiligali, yaya eBogimi, yathi: “Nganikhuphula eGibithe, nganingenisa ezweni engalifungela oyihlo; ngathi: Angisoze ngaphula isivumelwano sami nani.


UJehova wambheka, wathi: “Hamba ngalawa mandla akho, futhi uzokhulula u-Israyeli esandleni sakwaMidiyani.” Angikuthumanga yini?


Kwathi lapho sesifikile isikhathi uHana akhulelwa ngaso, wazala indodana, wayiqamba ngokuthi uSamuweli, wathi: “Ngokuba ngamcela kuJehova.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka