U-Israyeli esehlezi kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wezwa. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili;
AbAhluleli 5:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwa-Efrayimi kwakukhona impande yabo kuma-Amaleki; emva kwakho, Bhenjamini, phakathi kwabantu bakho; kwaMagiri kwaphuma ababusi, nabakwaZebuloni abaphatha usiba lombhali. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwavela kwa-Efrayimi abampande yabo ikuma-Amaleki; emva kwakho nguBenjamini phakathi kwabantu bakho. KwaMakiri kwavela ababusi, kwaZebuloni abaphethe intonga yomholi. IsiZulu 2020 Kusukela kwa-Efrayimi baphumela esigodini, kulandela wena Bhenjamini nabafowenu, kusukela eMakhiri, bahamba abakhuzi bempi behla kusukela kwaZebuloni, kwehla abaphethe induku yomkhuzi wempi. |
U-Israyeli esehlezi kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wezwa. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili;
Amadodana kaLeya: uRubeni izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni;
Kukhona uBenjamini omncane kanye nabaholi babo, izikhulu zakwaJuda nomkhandlu wabo, izikhulu zakwaZebuloni nezikhulu zakwaNafetali.
Vuthelani icilongo eGibeya, necilongo eRama; memeza kakhulu eBeti Aveni, emva kwakho, Benjamini!
U-Abidoni indodana kaHileli wasePirathoni wafa, wembelwa ePirathoni ezweni lakwa-Efrayimi ezintabeni zama-Amaleki.
Wabutha abantwana bakwa-Amoni no-Amaleki kanye naye, wahamba wachitha u-Israyeli, wadla umuzi wamasundu.
Esefikile wabetha icilongo ezintabeni zakwa-Efrayimi, abantwana bakwa-Israyeli behla naye entabeni, yena waphuma phambi kwabo.
UBharaki wabiza oZebuloni noNafetali eKedeshi; wakhuphuka namadoda ayizinkulungwane eziyishumi ezinyaweni zakhe, noDebora wakhuphuka naye.
UDebora wasesithi kuBharaki: Sukuma! ngoba lolu lusuku iNkosi ezanikela ngalo uSisera esandleni sakho. UJehova akahambanga phambi kwakho na? UBharaki wehla entabeni yaseThabori namadoda ayizinkulungwane eziyishumi emva kwakhe.
Khona-ke abaseleyo wababeka phezu kwezikhulu phakathi kwabantu; uJehova wangimisa phezu kwabanamandla.