Amadodana kaKenase ngu u-Otheniyeli noSeraya; namadodana ka-Otheniyeli; Hathath.
AbAhluleli 3:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Izwe laba nokuphumula iminyaka engamashumi amane. U-Otheniyeli indodana kaKenazi wafa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Izwe lase liba nokuthula iminyaka engamashumi amane. Wafa u-Otheniyeli indodana kaKenazi. IsiZulu 2020 Izwe laba nokuthula iminyaka engama-40. U-Othiniyeli, indodana kaKhenazi, wafa. |
Amadodana kaKenase ngu u-Otheniyeli noSeraya; namadodana ka-Otheniyeli; Hathath.
Kodwa sebephumule, baphinda benza okubi phambi kwakho; ngalokho ubashiye esandleni sezitha zabo ukuba zibuse phezu kwabo; wabahlenga kaningi ngokobubele bakho;
njengezinsuku amaJuda aphumula ngazo ezitheni zawo, nenyanga eyaguqulelwa kuwo usizi yaba intokozo, nokulila kwaba usuku oluhle; nezipho kwabampofu.
UJoshuwa walithatha izwe lonke njengakho konke uJehova abekushilo kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli laba yifa ngokwezigaba zabo ngokwezizwe zabo. Izwe lazola ekulweni.
U-Otheniyeli indodana kaKenazi, umfowabo kaKalebi, walithatha, wamnika u-Asa indodakazi yakhe, ibe ngumkakhe.
UMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe, waqondisa u-Israyeli, waphuma ukulwa. Isandla sakhe saba namandla phezu kukaKushan-Risatayim.
Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wamnika u-Egiloni inkosi yakwaMowabi amandla phezu kuka-Israyeli, ngokuba benza okubi emehlweni kaJehova.
Ngalokho uMowabi wathotshiswa ngalolo suku phansi kwesandla sika-Israyeli. Izwe laba nokuthula iminyaka engamashumi ayisishiyagalombili.
Lapho abantwana bakwa-Israyeli bembiza uJehova, uJehova wabavusela abantwana bakwa-Israyeli umsindisi owabakhulula, u-Otheniyeli indodana kaKenazi, umfowabo omncane kaKalebi.
Mazibhubhe zonke izitha zakho, Jehova, kepha abamthandayo mababe njengelanga lapho liphuma ngamandla alo. Izwe laphumula iminyaka engamashumi amane.
Kanjalo amaMidiyani athotshiswa phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, kangangokuthi abazange baphinde baphakamise amakhanda abo. Izwe lathula iminyaka engamashumi amane emihleni kaGideyoni.