UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho; wamakhela khona i-altare uJehova owabonakala kuye.
AbAhluleli 2:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ingelosi kaJehova yenyuka isuka eGiligali, yaya eBogimi, yathi: “Nganikhuphula eGibithe, nganingenisa ezweni engalifungela oyihlo; ngathi: Angisoze ngaphula isivumelwano sami nani. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ingelosi kaJehova yakhuphuka eGiligali, yaya eBokimi. Yathi: “Nganikhuphula eGibithe, nginilethile ezweni engalifungela oyihlo; ngathi: ‘Angisoze ngaphula kuze kube phakade isivumelwano sami nani, IsiZulu 2020 Ingelosi kaSimakade yakhuphuka eGiligali, yaya eBhokhimi, yathi: “Nganikhipha eGibhithe, nganiletha ezweni engalethembisa okhokho benu, ngathi: ‘Angisoze ngasephula isivumelwano sami nani kuze kube phakade. |
UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho; wamakhela khona i-altare uJehova owabonakala kuye.
Wasebiza ibizo leN kosi eyayikhuluma laye wathi: UNkulunkulu wakho uyangibona, ngoba wathi: Kambe ngimbonile yini lapha ongibonayo?
Ingelosi eyangikhulula ebubini bonke ibusisa abafana; igama lami malibizwe phezu kwabo negama lawobaba o-Abrahama no-Isaka; futhi mabakhule babe yisixuku phakathi komhlaba.
Ingelosi kaNkulunkulu eyaphuma phambi kwempi yakwa-Israyeli yasuka, yabalandela; insika yefu yasuka phambi kwawo, yema emva kwawo.
NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibhithe, endlini yobugqila.
Bheka, ngiyathuma ingelosi phambi kwakho ukuba ikugcine endleleni, ikuyise endaweni engiyilungisileyo.
Kukho konke ukuhlupheka kwabo wacindezelwa, ingilosi yobuso bakhe yabakhulula; othandweni lwakhe nangobubele bakhe wabahlenga; wazithwala, wazithwala zonke izinsuku zasendulo.
Ungasinyanyi ngenxa yegama lakho, ungasijabhisi isihlalo sobukhosi senkazimulo yakho; khumbula, ungaphuli isivumelwano sakho nathi.
Ngiyakukhumbula isivumelwano sami noJakobe, nesivumelwano sami no-Isaka, nesivumelwano sami no-Abrahama; futhi ngizocabanga ngezwe.
Kepha nokho, uma besezweni lezitha zabo, angiyikubalahla, angiyikunengwa ngabo, ngokubashaya ngesiqalekiso, ngaphule isivumelwano sami nabo; ngoba nginguJehova uNkulunkulu wabo.
Ngase ngithatha intonga yami, uBuhle, ngayinqamula, ngephule isivumelwano sami engasenza nabo bonke abantu.
Bheka, ngiyathuma isithunywa sami, futhi siyakulungisa indlela phambi kwami; iNkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzuma ethempelini layo, isithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso; bheka, uyeza, usho uJehova Sebawoti.
Ngokwenani lezinsuku enalihlola ngazo izwe, izinsuku ezingamashumi amane, unyaka nonyaka, niyakuthwala ububi benu, iminyaka engamashumi amane, naphule izwi lami.
Bhekani, ngiyakwethula izwe kini; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo o-Abrahama, u-Isaka noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.
Noma uNkulunkulu wafuna ukuzibuthela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangokwesabeka okukhulu, njengakho konke uJehova akwenzileyo. UNkulunkulu wenze kini eGibhithe phambi kwamehlo enu?
Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe ezizukulwaneni eziyinkulungwane;
UJoshuwa wasesithi: Ngalokhu lizakwazi ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu, lokuthi uzaxotsha amaKhanani, lamaHethi, lamaHivi, lamaPerizi, lamaGirigashi, lamaAmori phambi kwenu, kanye lamaJebusi.
Aniyikuthatha yini lokho unkulunkulu wenu uKamose akunika khona ukuba ukudle? Yilowo nalowo uJehova uNkulunkulu wethu amxoshayo phambi kwethu, siyakumdla.
Kwakukhona umuntu othile waseSore, wesizwe sakwaDani, ogama lakhe lalinguManowa; umkakhe wayeyinyumba, engazali.
Ingelosi kaJehova yabonakala kowesifazane, yathi kuye: “Bheka, uyinyumba, awuzali, kepha uyakukhulelwa, uzale indodana.
UJehova wathuma umprofethi kubantwana bakwa-Israyeli, wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Nganikhuphula eGibithe, nganikhipha endlini yobugqila;