AbAhluleli 19:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 Baphambukela khona ukuze bangene balale eGibeya; esengenile, wamhlalisa esigcawini somuzi; ngoba kwakungekho muntu owabangenisa endlini yakhe ukuze balale. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Baphambukela lapho ukuba bangene, balale eGibeya; wangena, wahlala phansi esigcawini somuzi; ngokuba kwakungekho muntu owabamukela endlini yakhe ukuba balale khona. IsiZulu 2020 Baphambuka ukuba bangene, balale eGibheya. Wangena wayohlala esigcawini somuzi, kodwa abangeniswanga muntu ukuba balale. |
ngangingumfokazi, aningingenisanga; nginqunu, aningigqokisanga; ngigula, ngisetilongweni, aningihambelanga.
Lingakhohlwa ukwamukela izihambi; ngoba ngalokho abanye bangenisa izingilosi bengazi.
Bheka, kwafika ixhegu livela emsebenzini walo kusihlwa livela ensimini, nalo livela ezintabeni zakwa-Efrayimi; wagogobala eGibeya, kepha abantu baleyo ndawo babengabakwaBenjamini.
Wathi kuye: “Siyasuka eBetlehema Juda siya eceleni kwentaba yakwa-Efrayimi; Ngasuka lapho, ngaya eBetlehema Juda, kepha manje ngiya endlini kaJehova; futhi kakho ongamukela endlini.
UmLevi, indoda yowesifazane obuleweyo, waphendula wathi: “Ngifikile eGibeya yakwaBenjamini, mina nesancinza sami, ukuba silale khona.