AbAhluleli 17:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwakukhona umuntu wasezintabeni zakwa-Efrayimi ogama lakhe linguMika; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwakukhona umuntu wasezintabeni zakwa-Efrayimi ogama lakhe lalinguMika. IsiZulu 2020 Kwakukhona umuntu kwelezintaba kwa-Efrayimi ogama lakhe kunguMikha. |
Umkhawulo wawususuka esiqongweni sentaba, waya emthonjeni wamanzi aseNefitowa, waphuma waya emizini yasentabeni yase-Efroni; umkhawulo waphuma waya eBahala eliyiKiriyati Jeharimi.
Babanika iShekemi nedlelo lalo ezintabeni zakwa-Efrayimi, libe ngumuzi okhululekile wokuhlatshwa; neGezeri nedlelo layo,
Bammbela emkhawulweni wefa lakhe eThimnati Sera ezintabeni zakwa-Efrayimi ngasenyakatho kwentaba iGahashi.
Emva kuka-Abimeleki kwasukuma uThola indodana kaPhuwa kaDodo, umuntu wakwa-Isakare, ukuba avikele u-Israyeli; wahlala eSamiri ezintabeni zakwa-Efrayimi.
Base behla abafowabo nendlu yonke kayise, bamthatha, bamenyusa, bammbela phakathi kweSoreya ne-Eshitawoli ethuneni likayise uManowa. Wabusa u-Israyeli iminyaka engamashumi amabili.
Wathi kunina: “Izinhlamvu eziyishumi nekhulu zesiliva ezathathwa kuwe, owaziqalekisa, wakhuluma ngazo ezindlebeni zami, bheka, leyo mali ikimi; Ngayithatha. Unina wathi: “Mawubusiswe nguJehova, ndodana yami!
Abantwana bakwaDani bathuma emindenini yabo amadoda ayisihlanu, amadoda anamandla, evela eSora nase-Eshitawoli, ukuba ahlole izwe, alihlole; bathi kubo: “Hambani nihlole izwe.”
Esefikile wabetha icilongo ezintabeni zakwa-Efrayimi, abantwana bakwa-Israyeli behla naye entabeni, yena waphuma phambi kwabo.