AbAhluleli 12:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abantu bakwa-Efrayimi babuthana, bakhuphukela ngasenyakatho, bathi kuJefta: “Uweleleni ukulwa nabantwana bakwa-Amoni, ungasibizanga ukuba sihambe nawe, na? siyakushisa indlu yakho phezu kwakho ngomlilo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Amadoda akwa-Efrayimi abuthana, aya ngasenyakatho; athi kuJefta: “Uwelelani ukulwa nabantwana bakwa-Amoni, ungasibizanga ukuba sihambe nawe, na? Siyakushisa ngomlilo indlu yakho phezu kwakho.” IsiZulu 2020 Amadoda akwa-Efrayimi abizwa ukuba ahlome, ase ewelela eZafoni, athi kuJeftha: “Uweleleni wayokulwa nabakwa-Amoni, wangasibiza thina ukuba sihambe nawe, na? Sizoyithungela ngomlilo indlu yakho, iwele phezu kwakho.” |
Ngabuye ngabona wonke umsebenzi onzima nawo wonke umsebenzi omuhle, ukuthi ngenxa yalokho umuntu uba nomhawu ngomakhelwane wakhe. Kuyize nokufuna umoya.
Lapho u-Efrayimi ekhuluma ngokuthuthumela, waphakama kwa-Israyeli; kodwa lapho ona ngoBhali, wafa.
UJesu wawaphendula wathi: Ngilitshengise imisebenzi eminengi emihle evela kuBaba; Yimuphi kule misebenzi eningikhandela yona na?
Ngokuba lapho kukhona umhawu nokuxabana, kukhona isiyaluyalu nayo yonke imisebenzi emibi.
ukuthi amadodakazi akwa-Israyeli ayehamba iminyaka ngeminyaka ukuyililela indodakazi kaJefta wakwaGileyadi izinsuku ezine ngomnyaka.
UJefta wathi kubo: “Mina nabantu bami sasinokuxabana okukhulu nabantwana bakwa-Amoni; futhi lapho nginibiza, aningophulanga esandleni sabo.
Kwathi ngosuku lwesikhombisa bathi kumkaSamsoni: “Linga umyeni wakho ukuba asitshele imfihlakalo, funa sikushise wena nendlu kayihlo ngomlilo; usibizele ukuthatha esinakho? Akunjalo?
AmaFilisti athi: “Ngubani owenze lokho na? Basebesithi: USamsoni, umkhwenyana womThimina, ngoba wathatha umkakhe, wamnika umngane wakhe. AmaFilisti akhuphuka, amshisa yena noyise ngomlilo.
Abantu bakwa-Efrayimi bathi kuye: “Usikhonzeleni, ungasibizanga ekulweni kwakho nabakwaMidiyani na? Base bexabana kakhulu naye.