AbAhluleli 10:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abantwana bakwa-Israyeli bakhuleka kuJehova, bathi: “Sonile kuwe, ngokuba simshiyile uNkulunkulu wethu, sakhonza oBali. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, bathi: “Sonile kuwe, ngokuba simshiyile uNkulunkulu wethu, sakhonza oBali.” IsiZulu 2020 Abakwa-Israyeli base bekhala kuSimakade, bathi: “Sonile kuwe, ngokuba simshiyile uNkulunkulu wethu, sayokhonza oBhali.” |
lithi esizweni: Wena ungubaba; nasetsheni: Nangikhipha, ngokuba bangifulathele, abangibhekanga ubuso babo; kodwa ngesikhathi sokuhlupheka kwabo bazakuthi: Sukuma usisindise.
Ngaphezu kwalokho, abantwana bakwa-Amoni bawela iJordani ukuze nabo balwe noJuda noBhenjamini kanye nendlu ka-Efrayimi; u-Israyeli wacindezeleka kakhulu.
Lapho abantwana bakwa-Israyeli bembiza uJehova, uJehova wabavusela abantwana bakwa-Israyeli umsindisi owabakhulula, u-Otheniyeli indodana kaKenazi, umfowabo omncane kaKalebi.
Abantwana bakwa-Israyeli bakhuleka kuJehova, ngokuba wayenezinqola zensimbi ezingamakhulu ayisishiyagalolunye; iminyaka engamashumi amabili wabacindezela kakhulu abantwana bakwa-Israyeli.
U-Israyeli waba mpofu kakhulu ngenxa yabakwaMidiyani; abantwana bakwa-Israyeli bakhuleka kuJehova.
Base bebiza uJehova, bathi: “Sonile, ngokuba simshiyile uJehova, sakhonza oBali no-Ashitaroti; kepha manje usikhulule esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.
Basebebuthana eMispa, bakha amanzi, bawathulula phambi kweNkosi, bazila ukudla ngalolosuku, bathi lapho: Sonile eNkosini. USamuweli wayala abantwana bakwa-Israyeli eMispa.