Ngalokho ngiyaluleka ukuba wonke u-Israyeli abuthane kuwe, kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba, ngangesihlabathi esingasolwandle ngobuningi; nokuthi uziyele wena empini.
2 Samuweli 18:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 UDavide wathuma ingxenye yesithathu yabantu phansi kwesandla sikaJowabe, nengxenye yesithathu ngaphansi kwesandla sika-Abishayi indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, nengxenye yesithathu ngaphansi kwesandla sika-Ithayi umGiti. Inkosi yasisithi ebantwini: Mina ngizaphuma lami lami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UDavide wamukisa abantu, inxenye yesithathu iphansi kwesandla sikaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika-Abishayi indodana kaSeruya, umfowabo kaJowabe, nenxenye yesithathu iphansi kwesandla sika-Ithayi umGiti. Inkosi yathi kubantu: “Nami ngiyakuphuma nokuphuma nani.” IsiZulu 2020 UDavide wabehlukanisa amaqembu amathathu: elokuqala laliphethwe nguJowabe, elesibili liholwa ngu-Abhishayi, indodana kaZeruya, umfowabo kaJowabe, elokugcina liphethwe ngu-Ithayi, umGithi. Inkosi yathi kubantu: “Nami impela ngizophuma nani.” |
Ngalokho ngiyaluleka ukuba wonke u-Israyeli abuthane kuwe, kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba, ngangesihlabathi esingasolwandle ngobuningi; nokuthi uziyele wena empini.
Kodwa u-Abishayi indodana kaSeruya wamsiza, wamshaya umFilisti, wambulala. Khona-ke abantu bakaDavide bafunga kuye, bathi: “Awusayikuphinda uphume nathi empini, funa ucime ukukhanya kuka-Israyeli.
U-Abishayi umfowabo kaJowabe indodana kaSeruya wayeyinhloko yabathathu. Yena waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba negama phakathi kwabathathu.
UJowabe indodana kaSeruya wayephezu kwempi; uJehoshafati, indodana ka-Ahiludi, wayengumbusi;
Zase zifika umbiko kuJowabe, ngokuba uJowabe wamlandela u-Adoniya, nakuba engalandelanga u-Abisalomu. UJowabe wabalekela etendeni likaJehova, wathatha izimpondo ze-altare.
Wasehlukanisa abantu abangamakhulu amathathu aba izingxenye ezintathu, wabeka icilongo esandleni ngasinye, nezimbiza ezingenalutho nezibani phakathi kwezimbiza.
UGideyoni namadoda ayikhulu ayenaye bafika emaphethelweni ekamu ekuqaleni kwabalindi abaphakathi; sebemise umlindi, bavuthela izimpondo zenqama, baphahlaza izimbiza ezazisezandleni zabo.
Wawathatha amadoda, wawahlukanisa aba izingxenye ezintathu, walala endle, wabheka, bheka, amadoda ephuma emzini; wabavukela wabahlula.
Kwathi ngangomuso uSawule wabahlukanisa abantu baba izingxenye ezintathu; bangena phakathi kwempi ngomlindo wokusa, babulala ama-Amoni kwaze kwashisa ilanga.