UHamori noShekemi indodana yakhe bafika esangweni lomuzi wabo, bakhuluma kumadoda omuzi wabo, bathi:
2 Samuweli 15:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 U-Abisalomu wavuka ekuseni, wema endleleni yesango; kwathi lapho umuntu onecala efika enkosini ukuba isahlulelo, u-Abisalomu wambiza, wathi: “Ungowamuphi umuzi? Wathi: “Inceku yakho ivela kwesinye sezizwe zakwa-Israyeli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Abisalomu wavuka ekuseni, wema ngaseceleni kwendlela yesango; kwakuthi wonke umuntu onecala eliya enkosini ukuba lithethwe, u-Abisalomu wambiza wathi: “Ungowamuphi umuzi na?” athi: “Inceku yakho ingowesinye sezizwe zakwa-Israyeli.” IsiZulu 2020 U-Absalomu wayevuka ekuseni, ame eceleni kwendlela eya esangweni. Kwakuthi uma kwedlula umuntu onecala eya enkosini ukuze linqunywe, u-Absalomu ambize, athi kuye: “Uvela kumuphi umuzi na?” Umuntu aphendule athi: “Inceku yakho ingowesinye sezizwana zakwa-Israyeli.” |
UHamori noShekemi indodana yakhe bafika esangweni lomuzi wabo, bakhuluma kumadoda omuzi wabo, bathi:
Inkosi yayisisukuma, yahlala esangweni; Babikelwa bonke abantu, bathi: “Bhekani, inkosi ihlezi esangweni.” Bonke abantu beza phambi kwenkosi, ngokuba u-Israyeli wayesebalekile, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.
Bakhuluma kuye, bathi: “Uma unomusa kulaba bantu, ubathande, ukhulume amazwi amahle kubo, bayakuba yizinceku zakho kuze kube phakade.”
Lapho umukhwe kaMose ebona konke akwenzela abantu, wathi: “Iyini le nto oyenza kubantu? Uhlalelani wedwa, nabantu bonke bema kuwe kusukela ekuseni kuze kuhlwe?
Nxa benecala, bayeza kimi; ngiyakwahlulela phakathi kwabo, ngibazise izimiso zikaNkulunkulu nemithetho yakhe.
Basebeqondisa abantu ngazo zonke izikhathi; izindaba ezinzima baziletha kuMose, kepha zonke izindaba ezincane bazihlulela bona.
Empahleni yakhe kuyakuvela umuntu odelelayo, abangayikumnika udumo lombuso; kodwa uyongena ngokuthula futhi azuze ubukhosi ngokuthopha.
Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu ukuba bambulale;
Uma kuphakama icala kini elinzima kakhulu enkantolo, phakathi kwegazi negazi, naphakathi kokunxusa nokunxusa, naphakathi kokushaywa nokushaywa, okuyindaba yombango phakathi kwamasango enu; khona-ke uyakusukuma, ukhuphukele endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha;
UBhowazi wayesekhuphukela esangweni, wahlala khona; owathi kuye: O, onjalo! phambuka, uhlale lapha. Wasuka wahlala phansi.